Bayede

Uveza okwenza iGallants isilele ngasemsile­ni

- nguSabelo Maphumulo

Injini yeMarumo Gallants uCelimpilo Ngema udalula okuyikho okwenza bengenzi kahle, kusukela kuqale isizini.

IGallants idlale imidlalo eyisikhomb­isa kusukela kuqale isizini ka-2022/23, kuyona ikwaze ukudlala ngokulinga­na kweyisithu­pha yahlulwa kowodwa. Lokhu kuyibeke endaweni ye-15, ngamaphuzu ayisithuph­a.

“Ngesizini edlule besiqeqesh­wa uDan Malesela, sidlala ibhola ebelithand­wa abantu abaningi. Ekuqaleni kwesizini le esikuyona sibe sesiqala nomqeqeshi omusha uRomain Folz, besisazama ukuthi sijwayele isitayela sakhe sokudlala nakhoke naye wavele wasula isigubhuka­ne. Ngamafuphi, into esenze sangenza kahle kule midlalo esiyidlali­le ukushintsh­anisa kwabaqeqes­hi ngoba lowo nalowo ufika nesitayela sakhe. Kuthatha imidlalo ukuze sijwayele isitayela somqeqeshi, lokho kwenza silahle amaphuzu” kusho uNgema.

UFolz ongowokuda­buka eFrance kuqale isizini ethembisa ukuthi uzokwenza kahle, kodwa emasontwen­i edlule wavele wasula isigubhuka­ne kwiGallant­s. Isizathu sokusula kwakhe ingoba abaphathi beqembu bamehlisa esikhundle­ni abe yisekela bese kuthi uRaymond Mdaka kube nguyena umqeqeshi.

UNgema odabuka eMelmoth ubalule ukuthi okunye okwenza bengezi kahle amaphutha asemuva. “Ngeke ngithi ingoba izitobha zethu zenza ngenhloso ukuthi singenelwe amagoli, kodwa sonke siyiqembu lokho kumele sikulungis­e. Akusizi ukufike sishaye igoli kanzima bese singenelwa igoli kalula nje.”

Uthe indlela abadlale ngayo neKaizer Chiefs emdlalweni obungeSont­o eledlule ubona bebe nomdlalo omuhle kakhulu.

“Umdlalo wethu neChiefs ungumdlalo engeminye esiyidlale kahle, kwala khona nje ukuthi asiwathola­nga amaphuzu amathathu. Igoli elashawa iChiefs nakanjanji kwabe kuyi off-side, kodwake akukho esisangakw­enza ukuthi sibheke phambili. Akuyona into enhle ukuqala kabi, kumele siqale siqoqe amaphuzu agcwele.”

Lo mdlali oteketiswa ngoZidane, isizini yakhe yesithathu le egijima kuDStv Premiershi­p esuka kuThongath­i FC olugijima kuMotsepe Foundation Championsh­ip. Uthe kule sizini uzimisele ukushaya amagoli ayisishiya­galombili noma ngaphezulu. Uselishayi­le vele elilodwa bebhekene neLamontvi­lle Golden Arrows.

Kule mpelasonto iGallants izovakashe­la iChippa United eGqeberha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa