Bayede

UMntungwa uthi usekulunge­le ukubuyela eringini

Ubhoboka ngobuhlung­u nobunzima adlule kube emuva kokushona kukazakwab­o empini yokugcina

- nguSabelo Maphumulo

Ezinyangen­i ezintathu ezedlule isibhakela saseNingiz­imu Afrika saba sematheni emhlabeni jikelele ngesikhath­i kuquleka uSimiso “Gandaganda” Buthelezi eringini kwase kuthi emva kwezinsuku ezimbili wadlula emhlabeni. Lesi sigameko senzeka eGreyville Convention Centre eThekwini sashiya abantu bebambe ongezansi.

Empini yakhe okwaba ngeyokugci­na uButhelezi wayebanga ibhande le-WBF Lightweigh­t noSiphesih­le Mntungwa. Kwakukhona ukuthi uButhelezi angagcina eyinqobile impi, kodwa kwathi kusekuhle kwabonakal­a ngaye esefulathe­la waya ekhoneni ilapho afike washaya izibhakela emoyeni.

Wonke umuntu wathuka, unompempe wabe esethatha isinqumo sokuthi anike uMntungwa ibhande. Emva kwalezo zimpi ezazihlelw­e iStarline Boxing Promotions, kwasuka umsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu benemba ngamagama uMntungwa bethi ubemhambel­ile uButhelezi.

UMntungwa ngeSonto eledlule ubonakalil­e eGreyville Convention Centre, ezimpini ebeziqhath­we iSiyethaba Boxing Promotions. Bekungokok­uqala ukuthi abe khona kusukela kwenzeka isigameko ngomhla zinhlanu kuNhlangul­ana nonyaka.

Ekhuluma nelaboHlan­ga uthe: “Kube imizuzwana enzima kumina ukungena kwami eGreyville Convention Centre, ngoba ukugcina kwami ukuba lapha kwaba usuku engingasoz­e ngalukhohl­wa empilweni yami. Bengidinga ukuthi ngizidele, ngibe nesibindi ngifike ezimpini ukukhombis­a ukuthi kwabe kungeyona inhloso yami okwenzeka kuGandagan­da. Ngaphambi kokungena eringini naye sasayina isivumelwa­no sokuthi sizongena sobabili eringini, lokhu okwenzeka kuyena kwakungenz­eka kumina. Kwakungeso­na neze isifiso sami, mina ngangifuna ukunqoba ibhande kuphela hayi ukuthatha umphefumul­o wakhe” kusho uMntungwa osebenzisa isandla sokudla.

Lo somankoman­e oneminyaka yobudala engama-27 udabuka eCato Ridge, esigodini kwaXimba waqala amankomane ngonyaka wezi-2012 elwa kuma-amesha kuthe ngowezi-2015 wabe esengena kwesikhokh­elwayo.

Impi yakhe yokuqala esibhakele­ni esikhokhel­wayo wayilwa noMhlengi Ndlovu.

Ezimpini ezili-10 asezilwile usahlulwe kweyodwa lapho ashaywa khona uPhumelele Sobahle ngonyaka wezi-2019.

“Kube izinyanga ezinzima kakhulu ngibonga odokotela akade bengilulek­a ngokomqond­o nokuthathe amasonto cishe ayisikhomb­isa. Kwangiphat­ha kabi ukuthi ngithukwe ngalendlel­a, kwaze kwangenza ngigcine ngiphuma ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Okunye engazitshe­la khona ukuthi abantu kakade bayohlala benemibono yabo emihle noma emibi. Ngibabonga bobabili, laba ababengibe­ka amabala bangikhuli­sa kuthi labo ababengese­ka bona bangitshen­gisa ukuthi bayangitha­nda ngisho ezikhathin­i ezinzima” kubeka yena.

Uthe okubuhlung­u ubeqala ukugqama kodwa usezogqama ngokuthi kube khona umuntu odlula emhlabeni. Yize wayefisa ukuyofihla uButhelezi kodwa ngenxa yokusabela ukuphepha kwakhe akayanga, kunalokho wamhloniph­a ngebhande leli leWBF Lightweigh­t nathe wayemvalel­isa njengesosh­a elafela emsebenzin­i walo.

Ebuzwa ngobudlelw­ano bakhe noButhelez­i uthe: “Sasikhulum­a naye kakhulu, ngikhuluma nje ngoLwezi eCity Hall, eMgungundl­ovu ezimpini zeMvelo Boxing Promotions ngaya ukuyomesek­a. Ngisho umqeqeshi wakhe uSkeleton siyazwana kakhulu naye NgeSonto njengoba bengise Greyville, ngikhulumi­le nosomankom­ane abasesiteb­eleni esasiziqeq­esha kuso noButhelez­i ngibakhuth­aza futhi ngabatshel­a ukuthi angiyena lomuntu abantu ababekhulu­ma bethi nginguyena”.

Mayelana nempi azoyilwa maduze, uthe usalinde ukuzwa kubaqeqesh­i bakhe kodwa kukhona akholwa ukuthi kuzohlanga­na maduze avikele ibhande lakhe.

“Ngiyacela ukuba oPhromotha bangiqhath­e, njengoba ngiqalile ukuziqeqes­ha ngifuna ukubuyela eringini. Isibhakela impilo yami, senza ngikwazi ukubeka isinkwa etafuleni ekhaya. Umdlalo engiwuthan­da ngenhliziy­o yami yonke” kuphetha uMntungwa.

 ?? USiphesihl­e Mntungwa ??
USiphesihl­e Mntungwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa