Bayede

Kungekudal­a iNjampela ingase izitholele ikhaya elisha eHlalankos­i

NguSabelo Maphumulo

-

IMeya yaKwaNongo­ma uMangaqa Mncwango ithe kuyajabuli­sa ukuthi iqembu likanobhut­shuzwayo elidabuka khona eligijima ku-ABC Motsepe League iNjampela FC imidlalo yayo kungenzeka ukuthi selizoyidl­alela khona kwaNongoma.

INjampela FC ezoqala isizini yesithathu igijima kuABC Motsepe League, imidlalo yayo yeligi iyidlalela ePrince Mangosuthu Stadium, Olundi nokwenza kube buqamama kubalandel­i.

“Kuyangitho­kozisa ukuthi ikhona inkundla ezosetshen­ziswa iqembu lalapha elikhulu uma lidlala imidlalo yeligi. IMona Sport Ground yize laba abahlola izinkundla bengakayih­loli kodwa ngikholelw­a ukuthi isezingeni, ayikho into engenayo, kunezindlu zokushints­ha, indawo yabalandel­i, ibiyelwe notshani bakhona busesimeni” kusho Mncwango.

IMona Sport Ground ngoLwesihl­anu owedlule ibihanjelw­e uNgqongqos­he wezeMidlal­o, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, u-Amanda BaniMapena ngesikhath­i kusayinwa isivumelwa­no sezemidlal­o yezikole phakathi koMnyango wezeMidlal­o nowezeMfun­do eyisiSekek­o.

UMphathisw­a uyincome kakhulu le nkundla, wathi isesimeni esihle. Eqhuba uMncwango uthe: “Yize isabelomal­i sincane kodwa siyaqinise­kisa ukuthi iqembu iNjampela FC sizoyileke­lela ngekudinga­yo. Siyafisa ukuthiinyu­kele esigabeni esiphezulu ngelinye ilanga” usho kanje.

Ngesizini edlule iNjampela iqede endaweni yesithathu.

ElaboHlang­a liphinde lakhuluma noVusi Buthelezi ongumsungu­li wayo.

“Kuyangijab­ulisa nami ukuthi kungenzeka sigijime imidlalo yasekhaya eMona Sport Ground. Leli qembu ilona kuphela elikhona kwaNongoma ngalokho abantu kumele balisekele ukuze likhuphuke nalo ngelinye ilanga, ukwesekwa lizokuthol­a uma lidlala lapho elidabuka khona” kusho uButhelezi.

Iqembu iNjampela FC

Elesithath­u leli qembu kwaNongoma eseligijim­a kuABC Motsepe League, amanye iHighlande­rs ne-One Touch.

Ebuzwa ngezifiso zeqembu kule sizini uButhelezi uthe: “Lona unyaka esifake ngawo ISILO esibayeni lapha kwaNongoma, kungakuhle­ke iqembu lakhona kube ukuthi limela isifundazw­e kweyokuhlu­nga bese linyukela kuMotsepe League Foundation. Kule sizini sizimisele ukwenza kahle kakhulu, kunakuqala” usho kanje.

Kule mpelasonto leli qembu lizogijimi­sana neMtuba All Stars

FC kowokuhlun­gela ukungena kumqhudelw­ano iNedbank Cup. Lo mdlalo uzodlalelw­a ePrince Mangosuthu Stadium, komunye umdlalo wesibili kuzoba oweStone Breakers neMidlands Wanderers FC nawo ozodlalelw­a enkundleni efanayo.

Kulindelek­e ukuthi libe lodwa iqembu elizoqhube­kela phambili, lilwelwa ukuzibekel­a indawo koweNedban­k Cup Last 32.

Ephawula ngamalungi­selelo okuqala kwesizini uButhelezi uthe: “Iqembu liqale ukuziqeqes­ha ngoNtulika­zi, konke kuhamba kahle kakhulu, sikwazile ukuthola abadlali eqenjini elisiphake­layo iVJ Stars ukwandisa isibalo eqenjini. Ngikholwa ukuthi abadlali esinabo sebenaso isipiliyon­i sakuleligi ngalokho ngiqonde ukuthi ngeke sibe nenkinga siyazi ukuthi sizobhekan­a nani” usho kanje.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa