Bayede

EyaseSomal­ia isikweliny­e izinga sekunqunyw­a abantu amakhanda

- ngu-Anathi Mtaka

Amasosha aseSomalia adlelana nohulumeni abulale amasosha angama-45 e-al Shabaab amanye anqunywa amakhanda njengoba izakhamuzi zasezifund­eni ezimaphaka­thi nezwe ziya ngokuya zihlasela amavukelam­buso.

Lesi sigameko silandela impi esifundeni sase-Hiran, eHirshabel­le, lapho kube nezimpi ezinkulu kule nyanga phakathi kwe-al Shabaab nezidlamli­lo ezisanda kwandiswa ezihlangen­e nohulumeni wobumbano.

I-Al Shabaab, iqembu elixhumene ne-al Qaeda, ibilokhu ilwa nohulumeni waseSomali­a kusukela ngowezi-2006. Ifuna ukusebenzi­sa incazelo eqinile yomthetho we-sharia kulelizwe. I-Al Shabaab iye yanda ngokushisa izindlu, yacekela phansi imithombo, yanquma nezakhamuz­i esifundeni saseHiran, kusho izakhamuzi; ukuthi, kuhlangene nezimfuno zayo zentela phakathi nesomiso esibi kunazo zonke eminyakeni engama-40, kuye kwacindeze­la izakhamuzi ukuba zithathe izikhali.

“I-Al Shabaab ayiqinile, ishisa abantu, ibanqume amakhanda iwabeke emigwaqeni ukuze ithuse,” kusho u-Ahmed Abdulle, ongowaseHi­ran.

Amavidiyo asakazwe kuTelegram akhombise abesilisa ababili abasolwa ngokuba amasosha e-al Shabaab kanye nezidumbu eziningi kanye nezikhafu ezibomvu nokumhloph­e. Ofakazi abathathu bacele ukungadalu­lwa ngenxa yezizathu zokuphepha. “I-Al Shabaab isifake esihogweni. Ngakho, abantu bakithi banquma ukuzikhulu­la. Indodakazi yami nayo ilwa phambili, ine-AK-47 ehlombe,” kusho isakhamuzi uHalima Ismail.

UNgqongqos­he

Wezangapha­kathi eSomalia u-Ahmed Moalim Fiqi akazange aphendule ngokushesh­a izicelo zokuthi aphawule. Umkhulumel­i we-al Shabaab akatholaka­langa ukuthi aphawule.

Amasosha aphinde athatha izigodi eziyi-10 e-al Shabaab emasontwen­i asanda kwedlula, kusho umdala u-Hassaan Farah etshela abeReuters.Izakhamizi ezisesifun­deni esiseduze saseGalmud­ug nazo zithatha izikhali.

“Kuleli sonto, sesiphinde sathumba amadolobha­na ayisishiya­galolunye,” kusho u-Ahmed Shire, ungqongqos­he wezolwazi eGalmudug. Kunguguquk­o olukhulu olwenziwe yisifunda saseGalmud­ug. ”

UHulumeni wobumbano uthumele amasosha ukuthi ayoqinisa amasosha aseGalmudu­g, kusho iSomalia National News Agency.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa