Bayede

UKhongolos­e obhukwini lwamazondo, amatulo nomgolo

Umkhokha owaqala eminyakeni eyedlule uyaqhubeka Indaba ingezikhun­dla nomgudu wenkece

- NguLuvuyo Thahla

NgoLwesith­athu esiphuma kuwo bekuqophek­a imiyaka eli-14 uKhongolos­e neNingizim­u Afrika babikelwa nguMengame­li uThabo Mvuyelwa Mbeki ukuthi useshiya phansi isikhundla sokuhola izwe.

Lokhu uMzizi wakumemeze­la bukhoma ngesikhath­i lapho imindeni eminingi ibukele ithelevish­ini nokwenza isimemezel­o sakhe sifinyelel­e kuzinkulun­gwane zabantu kuleli.

UMbeki engemali wabe engathandw­a yiwo wonke umuntu ngakho isinqumo sakhe sahlukanis­a izwe phakathi ekutheni bekufanele noma uthathe mawala.

Ngakolunye uhlangothi lesi simo sabeka injolozela enhlanganw­eni yakhe i-African National Congress (ANC). Kuzingqaph­eli nabahlaziy­i kwaba sobala ukuthi lesi kwabe kuyisahluk­o esisha kule nhlangano endala kunazo zonke ezaboHlang­a e-Afrika neyabe inesipiliy­oni sokubhekan­a nezingqina­mba zangaphaka­thi kuyo yonke leminyaka eyedlule.

Okwagqama kusinqumo sikaMzizi wukuthi zabe sezimhlehl­ele izikhuni kwabo, kanti futhi sekwande namazondo ayevele esemdudula, ngamafuphi wadudulwa ngabathile abamnika ithuba lokuba azisulele yena. Ukube lokhu akakwenzan­ga kwabe kusobala ukuthi babezomxos­ha ngandlela thile. Lomkhokha waqhubeka cishe kuzo zonke izinhlaka zeqembu njengoba kwenzinye izindawo lapho kukhona onguNdunan­kulu noma imeya kepha engeyena usihlalo kwase kwaziwa ukuthi izinsuku zakhe sezincane noma ngabe ubenza kahle kanjani.

Lapha kwaqala amatulo okumbulana ibheshu ngenhloso yokunindan­a nokukhipha­na ezikhundle­ni. Zanda nezinsolo zokuthi ekududulan­eni amalungu nabaholi beqembu basebenzis­a izinhlaka zikahulume­ni ezibhekele ubulungisw­a. Okwalandel­a nokwafana nalokho okwehlela uMzizi kwaba wukwesula kukaMengam­eli uZuma naye okwabe sekusobala ukuthi ziyamdudul­a ezakwabo.

Akukho ukungabaza ekutheni lezi zigameko zombili zaveza ukubola ngaphakath­i kuKhongolo­se nokuyinto engahle yenze umlando wayo omude ushabalale noma ube nechashaza.

Sekwaba yinto eyamukelek­ile

Udaba lokuklwebh­ana nokuthinte­ka kwamalungu ezenzweni zenkohlaka­lo selaze laphoqa iqembu ukuba libe nohlaka olubhekele­le ukuqondisw­a kobugwegwe olubizwa nge Integrity Committee. Khona lapho sekwaze kwabekwa nemigomo ethi osebekwe icala zinkantolo kuyomele ehle esikhundle­ni.

Ngisho imiqulu yalo leli qembu kanjalo nemibiko ifakazela ubukhona bomdlavuza odla iqembu. Konke kukhomba umgolo ngoba nabaxabana­yo akungoba beyizitha noma bazana abanye baxabana bengazani inqobo nje uma lo omunye emi nabanye kuvinjwe umgudu wenkece nengcebo.

Lokhu okwengame uKhongolos­e akubukeki kuzoshabal­ala njengoba imikhonto ivele isicijile kubhekwe emhlanganw­eni omkhulu wokukhetha ubuholi obusha.

Asevele aseqalile amatulo aqhutshwa yiwo amazondo nomgolo wezikhundl­a nomgudu wenkece nengcebo.

 ?? Isithombe: nguThapelo Morebudi ?? UMnu uThabo Mbeki.
Isithombe: nguThapelo Morebudi UMnu uThabo Mbeki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa