Ibunjwamuntu likaNodumehlezi lizoxoxa indaba nakulokhu
Lona kwakumele kube wumcimbi wokuzigqaja kwesizwe. Indawo kwabe kusesikhumulweni sezindiza esisha iKing Shaka International. Kwabe kukuningi ukudideka ekutheni engabe yini le ezokwenziwa, ithimba likahulumeni labe libike kwiSILO esidala ukuthi lolu suku lwabe luzobe lungeNgonyama uShaka kaSenzangakhona.
Labika ukuthi kuyokwethulwa ibunjwamuntu leNgonyama uShaka ngonyaka omqoka ezweni njengoba kwabe kuzobakhona imidlalo yoMhlaba kanobhutshuzwayo. Leli bunjwamuntu kwathiwa labe libiza izigidi ezintathu.
Ngakolunye uhlangothi kwabe sekuvela ukuthi umcimbi uzovula isikhumulo kanti umsebenzi uzobe wenganyelwe nguMengameli wezwe wangaleso sikhathi uZuma. Lokhu kudideka kwacishe kwabuchitha sekugayiwe. Okunye okwacishe kwabhimbisa izinhlelo kwaba wukufika kwemibiko koMdala owabe esevele esondele eThekwini.
Lemibiko yabe imayelana ngokungabi sezingeni kwebunjwamuntu nangendlela elabe libekwe ngayo esikhumulweni. ISILO phezu kwalokhu savuma ukuya emcimbini ukuba ‘sizikholise’.
Phakathi kwezikhulu zikazwelonke ezabe zikhona kwakukhona uMengameli uZuma, uNgqongqoshe weZokuthutha uNdebele kanye noNgqongqoshe weZobulungiswa uRadebe. Kwathi ungaphela umcimbi nabezithombe nemisakazo sebengasekho yabhilita iNgonyama yabuza laba linye.
“Yiyo indlela le okungathiwa kuhlonishwa ngayo iNkosi engaka, eyenza okukhulu kangaka kuZulu nase-Afrika,” kubuza OMdala.
Okwabe kukhalisa iSILO yikuthi lapha iLembe ‘labe lingaveziwe njengombumbi , kepha labe livezwe njengomfana nje wezinkomo.
Nembala kuleli bunjwamuntu iLembe labe limi nezinkomo ezimbili. Lokhu kuphawula kweSILO kwasho ukuphela komdlalo, kwaphela ngalomsebenzi. Owayelenzile ngumbazi uMnu u-Andries Botha ohlonishwa umhlaba ngemisebenzi yakhe.
Ngonyaka olandelayo wezi2011 uhulumeni waKwaZulu-Natal waqoka omunye umqophi ukuba enze okungcono. Loyo msebenzi ngokukahulumeni usulungile kanti futhi kuvelile ukuba ususondele nasesikhulumenweni sezindiza nayilapho kuthiwa uzoma khona.
Ngokwemibiko lomsebenzi webunjwabuntu ungamamitha ali- 12 okuwenza ube ngaphezu kancane kwaloyo womholi womzabalazo waboHlanga eMelika umufi uMfundisi uMartin Lurther King wona onamamitha ayi-9.1 ubude.
ILembe lizoba ncane kude le kunamanye amabunjamuntu nezakhiwo zokuhlonipha abaholi bababusi bamazwe. Khona lapho uma kugcina njengoba uhulumeni ukhuluma ibunjwamuntu likaNodumehlezi lingahle libe likhulu kunelikaMandela eZindlini Zombuso e-Union Building lona okuthiwa lingama mitha ali-9 kanye nesinye sakhe uMandela esiseHowick sona esingamamitha ali-9.48.
Okulindwe ngabantu abaningi nalokho okwabe kukhalisa ISILO esidala , okuwukuhlonipheka kongangeLembe elabe lingumbumbi wesizwe esikhulu nesihlonishwa njengoZulu.