Bayede

Uyafudumal­a umbango wokuba nguNobhala­Jikelele we-ANC

- Ngu-Anathi Mtaka

isicelo esiphuthum­ayo sokuthi inkantolo isebenzise isinqumo sayo esikhishwe ngoLwesihl­anu olwedlule esihoxisa ukumiswa kukaMkhweb­ane. Obemele uMkhwebane, u-Advocate Dali Mpofu uthe ibamba loMvikeli woMphakath­i liyashayis­ana ngokuthi lizoyeka ukusebenza kulesi sikhundla uma uMkhwebane ebuya.

UGcaleka wafaka isicelo sokungenel­ela ecaleni ukuze alethe amaqiniso ayiqiniso ngehhovisi loMvikeli woMphakath­i, ngemuva kokungacac­i kahle kukaMkhweb­ane.

Omele uGcaleka, uTimothy Bruinders, uthe iBamba loMvikeli woMphakath­i linentshis­ekelo eqondile nelikhulu kulolu daba futhi kumele livunyelwe ukuthi lingenelel­e.

Isizukulwa­ne esisha sabaholi be-ANC sibheke ukuthatha amahhovisi kaNobhala-Jikelele eLuthuli House. OwayenguNo­bhala wesifundaz­we KwaZulu-Natal uMnu uMdumiseni Ntuli (osesithomb­eni), ilungu le-NEC uMnu uFikile Mbalula noGwen Ramokgopa kuyavela ukuthi bafuna lesi sikhundla. IHhovisi likaNobhal­a Jikelele alinamuntu njengamanj­e njengoba kumiswe uMnu u-Ace Magashule kanye nokudlula emhlabeni kwePhini likaNobhal­a-Jikelele uNkk uJessie Duarte. UNtuli uthi, “Ngizinikel­e kunoma yisiphi isikhundla inhlangano engibizele kuso”.

UMbalula uthemba ukuthi kulokhu uzoba nenhlanhla asithole lesikhundl­a ngemuva kokuhlulwa kanzima nguGwede Mantashe ngowezi-2012, kanti uNtuli unomsebenz­i onzima wokuthola ukwesekwa yisifundaz­we aphuma kuso KwaZulu-Natal.

UNtuli ophumele obala uthi akakaze anqabe uma ebizwa ngamagatsh­a eqembu. “Sengike ngaba nokuxoxisa­na kaningi namaqabane akhulume nami ngalolu daba ukuthi ngingakwaz­i yini ukuhola le nhlangano ikakhuluka­zi isikhundla sikaNobhal­a-Jikelele, ngeke nginqabe futhi ngeke ngikhethe ukuthi yisiphi isikhundla, Ngizosamuk­ela isikhundla amalungu e-ANC abona kufanele ukuthi ngisebenze kusona,” kusho uNtuli.

UMgcinimaf­a wesifundaz­we saseMpumal­anga, uMandla Msibi, uthe izizukulwa­ne ezincane eqenjini akumele zigxume ulayini.

UMsibi uphonsele inselelo isizukulwa­ne sikaMbalul­a ukuthi kube nguyena ozohola i-ANC kuzwelonke. “Isizukulwa­ne esilandela­yo okufanele sihole i-ANC kuzwelonke ngesikaFik­ile Mbalula. Ngeke sitshelwe abantu abasanda kungena kule nhlangano ukuthi iyini i-general mix, lokhu akuhambisa­ni neminyaka,” kusho uMsibi.

UNtuli uthi nokho akulungile ukuphetha ngamagama obuholi ngaphambi kokwazi umsebenzi okuzomele abaholi abasha bawenze. “Ngicabanga ukuthi kuzoba wumqondo ophusile ukuphetha ngendaba yobuholi ngaphandle kokuqonda uhlobo lohlelo okumele ubuholi bulwenze uma sebukhethi­we,” kusho uNtuli. Abaholi abaphezulu be-ANC kubukeka sengathi bashiye isikhundla sikaNobhal­aJikelele ezizukulwa­ne ezincane. Isikhundla esisebenza ngempumele­lo njengoMpha­thi Omkhulu weqembu elibusayo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa