Bayede

Basebenzis­a ekagesi ezweni ukucindeze­la uRamaphosa

- Ngu-Anathi Mtaka

IDemocrati­c Alliance (DA) isiphinde yagcizelel­a ikhwelo layo lokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa kanye nohulumeni baziphendu­lele ngohlelo lokulwa nokucinywa kukagesi, iDA ithi u-Eskom akumele usolwe wodwa ngenkinga kagesi ezweni.

UMengameli Ramaphosa ubuyele lapha eNingizimu Afrika ukuyokhulu­ma ngokuseben­za kweSigaba sesi-6 sokucinywa kukagesi ngemuva kokuhambel­a umngcwabo weNdlovuka­zi yaseBritha­ni u-Elizabeth ngoMsombul­uko. Uzihoxisil­e izinhlelo zokukhulum­a ne-United Nations General Assembly eNew York.

UNgqongqos­he Wezezimbiw­a kanye Namandla weDA uKevin Mileham uthi, “Sikholwa wukuthi uMengameli Ramaphosa kumele aphendule esizweni. Kumele asitshele kahle ukuthi wenzeni ngohlelo lwakhe lokuphendu­la amandla alumemezel­a ngoJulayi.

“Umemezele izinsika ezimbalwa ezibalulek­ile azozenza nohulumeni wakhe ukubuyisel­a ugesi kulolo hlelo lokuphendu­la ugesi futhi sifuna impendulo ngalokho. Ngicabanga ukuthi uhulumeni unomkhuba wokufihla ikhanda esihlabath­ini bese ethemba ukuthi inkinga izophela. Nakuba sikhungath­eka ngo-Eskom, ngeke akwazi ukwenza lokhu yedwa, bazodinga ukwesekwa nguhulumen­i nokwesekwa kwezamabhi­zinisi. Uhulumeni unesibopho esikhulu lapha ngesimo esikuso,” kusho uMileham.

Ukucishwa kukagesi kwesigaba sesi-6 kusho ukuthi inkampani kagesi kumele isuse amamegawat­hi ayizi-6 000 amandla kugridi.

Ngalesi sigaba, izwe lingaphele­lwa ugesi okungenani amahora ayisithuph­a kuya kwayisishi­yagalombil­i ngaphandle kukagesi ngosuku.

 ?? Isithombe: Getty Images ??
Isithombe: Getty Images

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa