Inqabakutholwa: Isithunywa ngendulo
Akakufihli ukuthi kuyokwehla kahle kuye ukujabulisa abantu bangakubo yingakho exoxisana nabobonke abantu emikhakheni ehlela imicimbi nomasipala
INingizimu Afrika inamaciko ehlukene kanti wonke eza nokwehlukile. Nokho insizwa yakwaZulu-Natal eShowe ize nokwehluke isibili. Lona nguMbuso Khoza ongagcini nje ngokuba ngumbhali njengoba aqala ukubhala kwelaboHlanga kepha ungumculi weJazz kanye namahubo. Ngasohlangothini lwamahubo usenze lukhulu ekuqhakambiseni lo mkhakha obungadumile ikakhulukazi entsheni. Ngaphansi kophahla iKwaZulu-Natal
Heritage Ensemble, uMkhathini usethokozise izwe njengoba isigqi sakhe sinanelwa naphesheya kwezilwandle. Inkulumo lapha phandle ithi umphrofethi kahlonishwa ezweni lakubo. Le nkulumo iyamlingana uKhoza osetshenziswa kakhulu ngaphandle kwesifundazwe kunalapho azalelwa khona. Yize kunjalo akadikibali.
Usedlale phambi kweSILO, aMakhosi noMengameli. Kubo bonke akekho ovala umlomo.
Isandla sale nsizwa sithe ukwehluka ngoba lapho uthi ulalele ihubo ube usheba nomlamdo walo noma ngezigameko ezabe zenzeka endulo. Okutuswa ngoMkhathini wukomela kwakhe ulwazi nokwenza lokhu akwenzayo kunongeke. Ukuhlala kwakhe nezimpunga, izalukazi nongoti kuyamcija nokubonakala uma esenza izinto zakhe.
Ekhuluma naleli phephandaba uKhoza wakugcizelela ubumqoka bokubhalwa kwalolu hlobo lwamaculo namahubo ukuze intsha yanamuhla ize ingakulibali okuyigugu lesizwe nokuqukethe umlando ojulile osemculweni.
Lo mshikashika kaKhoza ungaba ngenkulu impumelelo ezweni nasezwenikazi i-Afrika ekufundiseni ngobumqoka bamahubo nokuqukethwe umlando okuwo, ikakhulukazi kwabasakhula. Uma uhambele imicimbi lapho le nsizwa igiya khona okuphawulekayo ukuthi lolu hlobo lomculo luseyigugu nosikompilo olusagcinwa ikakhulukazi esizweni samaZulu.
Kube Nguni imicimbi yesizwe ithakaselwa ngokucula kanti amahubo aba ingxenye enkulu. Amahubo aletha futhi akhuthaza ubunye kubantu kanti ayakwazi ngisho nokuthumela umyalelo ngisho koNgangezwe Lakhe ngaphandle kokufuna isithangami naye. Amahubo, kuphinde kuhlonishwe ngawo aMakhosi, ahutshwe nalapho kuthakaselwa ukukhula kwamantombazane eseya esigabeni sobufazi noma eseyogcagca. Kuba njalo nakuyo insizwa. Amahubo ayahutshwa nangamabutho ngezigaba zokwehlukana kwawo kanti angubuciko obuzobamba elikhulu iqhaza ekuzaziseni njengamaAfrika kanti uma eseculwa akushiya unokuzigqaja ngoyikho, uthokozele isiko lakho ngenye indlela kanye nobuhle begugu lethu. Uma ekhuluma akalishiyi uKhoza elokubaluleka kokwakhiwa kwezikhungo zamaciko lapho amahubo ezofundiswa khona.
Lena yinsizwa ekhulele eShowe ngakufihli lokho ngoba kuyizimpande zayo. Ekhuluma nelaboHlanga wakuveza ukuthi ayikho into ayilangazelele njengokunandisa ngasekhaya.
“EShowe kusekhaya, KwaZulu-Natal kusekhaya. Ayikho into engehla kahle kimi njengokujabulisa abantu basekhaya. Yingakho ngingayekile ukuxoxa nabahleli bemicimbi nomasipala baKwaZulu-Natal ukuthi lokhu kwenzeke.” kusho uKhoza.
Ukufeza iphupho lokuthi kube khona okwenzakalayo ngakubo umatasa uqokelela imali yokwenza isikhungo esizofaka phakathi kokunye ukufundisa ngamahubo nosiko-nkolo labeNguni. UKhoza uyinqabakutholwa nesipho esizukulwaneni sakhe.