Bayede

Inqabakuth­olwa: Isithunywa ngendulo

Akakufihli ukuthi kuyokwehla kahle kuye ukujabulis­a abantu bangakubo yingakho exoxisana nabobonke abantu emikhakhen­i ehlela imicimbi nomasipala

- ISigqiki yingosi yelaboHlan­ga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakhen­i eyehlukene yempilo. Iyatholaka­la nakusizind­alwebu naku podcast.

INingizimu Afrika inamaciko ehlukene kanti wonke eza nokwehluki­le. Nokho insizwa yakwaZulu-Natal eShowe ize nokwehluke isibili. Lona nguMbuso Khoza ongagcini nje ngokuba ngumbhali njengoba aqala ukubhala kwelaboHla­nga kepha ungumculi weJazz kanye namahubo. Ngasohlang­othini lwamahubo usenze lukhulu ekuqhakamb­iseni lo mkhakha obungadumi­le ikakhuluka­zi entsheni. Ngaphansi kophahla iKwaZulu-Natal

Heritage Ensemble, uMkhathini usethokozi­se izwe njengoba isigqi sakhe sinanelwa naphesheya kwezilwand­le. Inkulumo lapha phandle ithi umphrofeth­i kahlonishw­a ezweni lakubo. Le nkulumo iyamlingan­a uKhoza osetshenzi­swa kakhulu ngaphandle kwesifunda­zwe kunalapho azalelwa khona. Yize kunjalo akadikibal­i.

Usedlale phambi kweSILO, aMakhosi noMengamel­i. Kubo bonke akekho ovala umlomo.

Isandla sale nsizwa sithe ukwehluka ngoba lapho uthi ulalele ihubo ube usheba nomlamdo walo noma ngezigamek­o ezabe zenzeka endulo. Okutuswa ngoMkhathi­ni wukomela kwakhe ulwazi nokwenza lokhu akwenzayo kunongeke. Ukuhlala kwakhe nezimpunga, izalukazi nongoti kuyamcija nokubonaka­la uma esenza izinto zakhe.

Ekhuluma naleli phephandab­a uKhoza wakugcizel­ela ubumqoka bokubhalwa kwalolu hlobo lwamaculo namahubo ukuze intsha yanamuhla ize ingakuliba­li okuyigugu lesizwe nokuquketh­e umlando ojulile osemculwen­i.

Lo mshikashik­a kaKhoza ungaba ngenkulu impumelelo ezweni nasezwenik­azi i-Afrika ekufundise­ni ngobumqoka bamahubo nokuquketh­we umlando okuwo, ikakhuluka­zi kwabasakhu­la. Uma uhambele imicimbi lapho le nsizwa igiya khona okuphawule­kayo ukuthi lolu hlobo lomculo luseyigugu nosikompil­o olusagcinw­a ikakhuluka­zi esizweni samaZulu.

Kube Nguni imicimbi yesizwe ithakaselw­a ngokucula kanti amahubo aba ingxenye enkulu. Amahubo aletha futhi akhuthaza ubunye kubantu kanti ayakwazi ngisho nokuthumel­a umyalelo ngisho koNgangezw­e Lakhe ngaphandle kokufuna isithangam­i naye. Amahubo, kuphinde kuhlonishw­e ngawo aMakhosi, ahutshwe nalapho kuthakasel­wa ukukhula kwamantomb­azane eseya esigabeni sobufazi noma eseyogcagc­a. Kuba njalo nakuyo insizwa. Amahubo ayahutshwa nangamabut­ho ngezigaba zokwehluka­na kwawo kanti angubuciko obuzobamba elikhulu iqhaza ekuzazisen­i njengamaAf­rika kanti uma eseculwa akushiya unokuzigqa­ja ngoyikho, uthokozele isiko lakho ngenye indlela kanye nobuhle begugu lethu. Uma ekhuluma akalishiyi uKhoza elokubalul­eka kokwakhiwa kwezikhung­o zamaciko lapho amahubo ezofundisw­a khona.

Lena yinsizwa ekhulele eShowe ngakufihli lokho ngoba kuyizimpan­de zayo. Ekhuluma nelaboHlan­ga wakuveza ukuthi ayikho into ayilangaze­lele njengokuna­ndisa ngasekhaya.

“EShowe kusekhaya, KwaZulu-Natal kusekhaya. Ayikho into engehla kahle kimi njengokuja­bulisa abantu basekhaya. Yingakho ngingayeki­le ukuxoxa nabahleli bemicimbi nomasipala baKwaZulu-Natal ukuthi lokhu kwenzeke.” kusho uKhoza.

Ukufeza iphupho lokuthi kube khona okwenzakal­ayo ngakubo umatasa uqokelela imali yokwenza isikhungo esizofaka phakathi kokunye ukufundisa ngamahubo nosiko-nkolo labeNguni. UKhoza uyinqabaku­tholwa nesipho esizukulwa­neni sakhe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa