Bayede

Izinyunyan­a zibona intuba ngokusonde­la kwekaKhong­olose

- nguSwelihl­e Buthelezi

Ukusondela kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi kuKhongolo­se ezobanjwa ngoZibandl­ela sekuqalile ukuzwakala ezingxenye­ni ezihlukene njengoba nezinyunya­na zibonakala zisisebenz­isa lesi sikhathi ukudlulisa imiyalezo yamalungu azo.

Kulabo ababheke ukuhola lo mbutho emuva kwengqungq­uthela, akukho ukuthi bangayisha­ya indiva imiyalelo yezinyunya­na ngoba zineqhaza elimqoka.

Ukuvusa ikhanda kwezinyuny­ana kubonakale mhla zingama-24 kuNcwaba lapho kube ngokokuqal­a ukuba iCosatu neSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) badle ngankezony­e.

Lapha kwabe kuyimashi nemibhikis­ho kazwelonke ngesimo sokukhuphu­ka kwezinto kusuka kuphethrol­i, ukudla nesibalo esikhulu sabantu abangasebe­nzi.

Kuyinto engajwayel­ekile ukuthi iCosatu edlelana neqembu elibusayo ihole umkhankaso obonakala ugudla uhulumeni. Lokhu nje kukodwa kwakuthume­la umyalezo ku-ANC ukuthi igawule ibheke engqungqut­heleni yangoZiban­dlela.

Nakuleli sonto iSaftu, uNobhala Jikelele wayo okunguMnu uZwelinzim­a Vavi iphinde yamemezela ukuthi kungekudal­a abasebenzi bakahulume­ni nezinyunya­na ezingaphan­si kwayo bazongenel­a ukhukhulel­angoqo wesiteleka samaholo.

Abasebenzi babhikishe ngaphandle kwamahhovi­si omkhandlu iPublic Service Co-ordinating Bargaining Council (PSCBC). Bafuna umqashi abuyekeze isiphakami­sa sakhe sokwenyusa amaholi ngamaphese­nti amathathu.

Ngokusho kwezinyuny­ana sekuphele iminyaka emithathu bebhekene nesimo sokwenyuse­lwa amaholo ngendlela engagculis­i, kokunye benganyuse­lwa kwanhlobo.

Zibalula ukuthi ngonyaka wezi-2020 abasebenzi bakahulume­ni abanyuselw­anga, kwathi ngonyaka olandelayo wezi-2021 banyuselwa nge1.5%, njengoba nakulokhu benunuselw­a ngawo u-1.5%.

Izinyunyan­a zimi kwelokuthi zagwinya itshe ngonyaka wezi2020 ngenxa yokuzwelan­a nohulumeni ngesikhath­i sokhuvethe, noma lesi kwabanye abakuhulum­eni kwaba yisikhathi sokuzicebi­sa.

Kulokhu izinyunyan­a zishaya phansi ngonyawo zithi sezimbekez­elele kakhulu umqashi, kodwa engxenye inkohlakal­o idla lubi. Kubasebenz­i abamelwe yizinyunya­na kukhona amaphoyisa, onogada, othisha, abasebenzi bakahulume­ni emahhovisi nalabo abaqashwe yiyo i-ANC eLuthuli House nasemahhov­isi ezifundazw­eni.

Inyunyana iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithi lingawa licoshwe izinkukhu yona imile ekufuneni i-10%. Le nyunyana ibonakale njengepham­bili kumbhikish­o obandle eZindlini Zombuso ePitoli ngoLwesibi­li.

Ngale mibhikisho kuyacaca ukuthi izinyunyan­a zithumela umyalezo eqenjini elibusayo nakulabo ababheke ukuhola umbutho emuva kwengqungq­uthela.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa