Bayede

Ongqongqos­he babhoboka ngezinhlel­o ezikhona ezingahlen­ga izwe

- ngu-Anathi Mtaka

UNgqongqos­he wezaMandla uGwede Mantashe uthi uzohlangan­a noRob Hersov, emnxusa ukuthi abambe iqhaza ekutholeni izimpendul­o ezinselele­ni ezibhekene nezwe. Lo somabhizin­isi uke waba sematheni ngokubiza ubuholi bukahulume­ni ‘njengento engekho’. UMantashe ubekhuluma esithangam­ini nabezindab­a ngoLwesine lapho ezokwethul­a umbiko ngenqubeke­laphambili mayelana neCluster Economic Sectors, Investment, Employment and Infrastruc­ture Developmen­t ePitoli. Umbhalo Wokusimama Komnotho uneminyaka emibili futhi uhulumeni uqinisekil­e ukuthi lolu hlelo lwenza igxathu ekuphumele­liseni ukusimama komnotho, ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokukhula. Ongqongqos­he EQoqweni Lokwakhiwa Kabusha Nokuvusele­la Umnotho bethule umbiko wenqubekel­aphambili ngohlelo okuhloswe ngalo ukusiza ukuvula ukutshalwa kwezimali kanye nokuvusa umnotho wezwe ontengante­ngayo. UNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu, uMmamoloko Kubayi uthi, “Umnotho waseNingiz­imu Afrika usethubeni lokukhula udlule ama-2,5% futhi imizamo mayelana nokusimama komnotho ngeyokuthi siwudlulis­e ngale kwalelo zinga ukuze sibone abantu baseNingiz­imu Afrika bekwazi ukusebenza, amabhizini­si ayachuma kanye nemikhakha ekhulayo. Isigaba sokuqala seERRP besizosebe­nzela imindeni ecindezele­kile, kwafinyele­lwa impendulo eqinile yokunakeke­lwa kwezempilo.”

Izwe libhekene nezinga elingakaze libonwe lokuntulek­a kwemiseben­zi. UNgqongqos­he Wezokuhlal­iswa Kwabantu uphinde achaze ezinye izindlela zokweseka ukukhula komnotho nokudalwa kwamathuba emisebenzi.

“Ohlelweni lokuqashwa komphakath­i, lena ngenye yezindawo esikwazile ukubona kuzo izwe lenza kahle kakhulu, lisiza futhi lingenisa abantu abasha abaningi endaweni. Iningi labantu abaqashwe ngaphansi kwalolu hlelo yintsha kanye nabesifaza­ne ngesikhath­i lapho sasinemikh­awulo khona, kanye nokuvala imigwaqo iningi labantu lizithola lingenazo izinto zezomnotho. Uma ubheka usizo lothisha iningi labo likwazile ukuhlomula kanti kwezolimo iningi labo likwazile ukuthola usizo njengengxe­nye yohlelo lokuqashwa komphakath­i.”

Ukuphakelw­a kukagesi

Izwe liyaqhubek­a nokubhekan­a nezingqina­mba zokuphakel­wa kukagesi okuholela ekunqanyul­weni kogesi okube nomthelela omubi emsebenzin­i wezomnotho. UMantashe uthi mkhulu umsebenzi owenziwayo kwezamandl­a. “Uhlelo olumenyeze­lwe ngumengame­li wuhlelo olusebenza kahle kakhulu ngoba lugcizelel­a odabeni olufanele. Ukunakekel­wa nokusevisw­a kwamayunit­hi asevele ekhona ohlelweni kodwa angasiniki amandla. I-base load energy iyinkinga enkulu enkingeni yonke yamandla futhi kumele sisebenzel­e kuyona.”UMantashe uphinde wanxusa labo abagxeka umsebenzi kahulumeni ukuthi bafake isandla empumelelw­eni yokuguqula umnotho wezwe. “Uma ukungamnik­i izabelo kuACSA kufana nongqongqo­she abangenams­ebenzi, makube njalo. Ngoba asikwazi ukumnika i-ACSA. Kufanele sibhekane nebhizinis­i ukuze sisebenzis­ane nathi kunokuba simelane nathi ngoba uma sisebenzis­ana nebhizinis­i, sizophumel­ela futhi uma kungenjalo ngeke siphumelel­e sobabili.”

Uvumile ukuhlangan­a nosomabhiz­inisi

ongundabam­lonyeni uRob Hersov ngezindaba aziphakami­sile ngesikhath­i ebuyela eNingizimu Afrika. Ngokwemibi­ko yabezindab­a lo somabhizin­isi ufuna ukuthenga izikhumulo zezindiza zezifunda eziyisithu­pha eziphethwe nguhulumen­i - kodwa akananhlan­hla. Iqoqo lithi njengoba umsebenzi uqhubeka, ucela abalingani bezenhlala­kahle ukuthi baqinise ubudlelwan­o babo futhi baxhumanis­e imizamo yabo yokuqinise­kisa ukusimama komnotho akuvinjwa. Ongqongqos­he baphinde babheke ekomitini lezinkinga zikagesi kanye ne-Justice, Crime Prevention and Security Cluster ukuthi baqiniseki­se amasu ezokupheph­a ukuze kuliwe nenkohlaka­lo, ukweba kanye nokucekelw­a phansi kwengqalas­izinda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa