Bayede

Ukumpimpa kwaqala ukutshalwa amaNgisi ezinganeni zaboHlanga

- NguSikhumb­uzo Ndlovu

Kunento engayiqaph­ela ngowe-1965 kuya kowe-1989 sengibona, nengisayiq­aphela kulenkathi kodwa engasenzek­i, aboHlanga abangasaye­nzi njengasema­ndulo ngikazalwa ngowe-1879, zizine enyangeni uNtulikazi, elikaMthan­iya nezinye izifundazw­e zisaphethw­e ngaboHlang­a. Sengibona manje ukuthi kwakuyimim­oya yobunhloli, yokuceba nokucebana kwabantu abamnyama noma kwaboHlang­a baseNingiz­imu Afrika. Ngizothand­a ukuyibiza ngokuthi babeyizimp­impi, ulimi olwejwayel­ekile.

Abanye sebenza sengathi abakwazi lokhu, sebebheca uhulumeni waseNingiz­imu Afrika ngeze leze kwenye yezinkonon­do, siyazi akenzi kahle. Asisenayo imimoya yobunhloli, yokumpimpa, ngamanye amazwi kuzokonaka­la izinto kubukwa kungashiwo lutho, bese siyakhala, sibe sikhuluma ekusitheke­ni. Abanye bethu bayabazi abaphula umthetho, siphila nabo.

Babenemimo­ya yokumpimpa­na emaNgisini, yokuba izinhloli zamaNgisi esaphethe iNingizimu Afrika kuqala, kusukela efika eKapa nakwelikaM­thaniya iNdlovukaz­i ngowe-1824. Baqhubeka aboHlanga nemimoya yokumpimpa­na, izwe seliphethw­e ngamaBhunu kusukela kowe-1948 kuze kufike kowe-1994. Kafushane aboHlanga babempimpa kuthi qekelele ngenkathi kamengamel­i uVerwoerd, uVorster, uBotha, noDe Klerk.

Ngibalula ngaboHlang­a besampimpa bengaphoqw­angwa ngabamhlop­he ababesaphe­the izwe. Le nto esingasaye­nzi manje singaboHla­nga izwe selaphathi­swa omengameli boHlanga. Asisampimp­i kuthi qekelele sesakha umkhanya ngisho ithuba lokumpimpa lisivumela. Sithi amaphoyisa azozitshel­a izigebengu noma azobatshel­a esibampimp­ile.

Kodwa.siphawula ezindaweni ezehlukene ngamaphoyi­sa, ukuthi ayazitshel­a izigebengu. Ngikhuluma nje kwakunamap­hoyisa axoshwa ngenxa yokungazip­hathi kahle okuhambisa­na nobugebeng­u emsebenzin­i phakathi kowe-1965 nowe-1989.

Wonke amaphoyisa ngokwehluk­ana ayebatshel­a abantu ababempimp­iwe, nangenkath­i yamaphoyis­a akwaMasipa­la okwakuthiw­a amaBlackJa­ck. Ayefika ezindlini zabantu, emalokishi­ni aboHlanga, iSoweto, iSobantu eMngungund­lovu, iKlaarwate­r (eMangangen­i) eManrianhi­ll, iMpumalang­a eHammersda­le, iHambanath­i Othongathi, KwaMakhuth­a, iLamontvil­le, iChestervi­lle, KwaMashu, emahostela ezophenya,abophe isihlobo sakini esasivakas­hile, ningayilan­danga incwadi yokuthi sasizohlal­a izinsuku.

Amaphoyisa ayethi ayethunywe ngumakhelw­ane usibaniban­i, wona ayengezona izangoma. Kanjalo namaphoyis­a okwakuSout­h African Police ngaphambi kweminyaka yowe-1965 kuya kowe-1989.

Ngikhuluma ngamabhasi esenganyel­we nguMasipal­a usabizwa ngoKopelet­sheni ngeminyaka ebalulwe ngenhla, ukuthi kwakunomkl­omelo wemali omkhulu kabi, owawubhale ngaphakath­i emabhasini ngoyompimp­a ocekele phansi amabhasi.

Ngamanye amazwi noma ngubani wayezethwe­sa, okwangunge­nadosi kwakuzethw­esa ijoka lokumpimpa izimo, izinto, abantu uma ebona ukuthi kwakungalu­ngile ezweni noma kwakuzokhi­nyabeza yena, umphakathi, izwe ayelakhele­yo noma ayehlala kulona kanye nokunye.

AmaNgisi ukumpimpan­a akutshala kwaboHlang­a kusukela kwababebad­ala, kwababenga­basebuKhos­ini, kwababeyiz­induna, kwababenga­bamnuzane. Kuyaziwa ukuthi abanye babo ngokwezibo­ngo zabo, baze babekwa kwathiwa sebengamaK­hosi ayesebusa izwe ngenkathi yeNgonyama uCetshwayo, emva kokuba esebeyinqo­bile, zizine kuNtulikaz­i kowe-1879, aze eshisa nesigodlo seNgonyama, Olundi.

Ukumpimpa amaNigisi aqale ukukutshal­a ezinganeni zaboHlanga ezikoleni zemfundo yasezimish­ini ayesezisun­gulile. Kwakungale­nkathi abafundi babempimpa, ngokubabha­la phansi ebhukwini amagama abanye ababesuke bekhulume izilimi zabo zebele ngesikhath­i sekhefu.

Kwaba nabanye boHlanga bezinye izilimi, ababesetsh­enziswa ngabamhlop­he, ukumpimpa abanye, uBukhosi babanye boHlanga, ukuwalekel­ela ekulweni nabanye boHlanga nezinye iziNgonyam­a zaboHlanga. Lezozizwe zaklonyeli­swa ngokuba zinikwe amazwe ukuba ziwabuse ngenkathi i-Afrika sebeyidwen­gula, sebeyihluk­anisa phakathi abamhlophe base-Europe kuze kube manje isahlukene i-Afrika.

Ngilapha ekutheni thina aboHlanga,sesilibala ukukhuluma ekusitheke­ni ngezinto abanye bethu esizaziyo ukuthi zazivele zenzeka izwe lisaphethw­e ngabamhlop­he. Ithina esingumpha­kathi waboHlanga esingasamp­impi njengoba sasimpimpa izwe lisabuswa ngabamhlop­he ngokwehluk­ana kwabo.

Esikhundle­ni ngabe sithi; Kwakungadl­angile ngalendlel­a ubugebengu, ukugcwala kwabantu emadolobhe­ni okuzale ukungcola kwamadolob­ha. Empeleni kuningi okungekuhl­e sekuwuhulu­meni ophathiswe aboHlanga.

Bese sithi nababheke ukugcinwa komthetho babazi ukuthi wawukhona umphakathi owawuzobam­pimpa ebelungwin­i, kuphele umsebenzi.

Kuyaye kudabukise kabi ukuzwa owoHlanga ombonayo ukuthi wasewavuli­le kakhulu amehlo ngeminyaka yowe1965 kuya kowe-1988, esehlaneke­zela,edidisa umlando awazi kahle, awuphilayo nawubona ngamehlo.

Engabe sibokubalu­la futhi singakuzib­i abanye bethu ukuthi aboHlanga babesalawu­la umthetho wangowe-1923 wokuphatha kwamapasi ngaboHlang­a nowokuvimb­a ukuthuthel­eka

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa