Bayede

Kuyoba nini abasebenzi bakithi basezindli­ni besemseni wabaqashi

-

Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi isibalo ezingamaph­esenti angama-76 sabasebenz­i basezindli­ni emhlabeni ngabesifaz­ane. Eminye yemisebenz­i abayenzayo ukuhlanza izindlu, ukupheka nokunakeke­la izingane zaleyo mindeni.

Ngokujwaye­lekile abasebenzi basezindli­ni yibo abenza imisebenzi emikhulu, abangabhek­elelwa nangamahor­a okusebenza kepha abahola kancane ukwedlula abanye abasebenzi, ekubeni kuyibo esingathi baphethe amakhaya akukhathal­ekile ukuthi ikhaya lowoHlanga, ngelomLung­u okanye ngumNdiya. Nakuba uHulumeni waseNingiz­imu Afrika ngokufuqwa izinyunyan­a kukhona asekwenzil­e okuyizaba ukubhekele­la nokwenza ncono impilo yabasebenz­i basezindli­ni, kepha kusekhona abaqashi abasabambe indlela endala yokungabab­hekeleli ngokwesikh­athi samanje.

Izibalo ziphinde ziveze ukuthi ingxenye engamaphes­enti anga80 wabasebenz­i basezindli­ni abarejisti­le. Lokhu kusho ukuthi noma behlelwa yini besemseben­zini, kumele kube yibo abazibheke­lelayo ngaphandle uma umqashi leyo enza ufefe, kodwa akukho okumphoqay­o.

Okufike kuzwele kakhulu ukuthi abasebenzi basezindli­ni abanalo ikhefu elingunyaz­iwe uma bezithwele sekufike isikhathi sokuyobele­tha. Nalapho kuba ufefe lomqashi. Esikhathin­i esiningi uma ehambile eyobeletha, akupholisw­a maseko indawo yakhe ivalwa ngomunye umuntu.

Esikhathin­i sanamuhla sekunzima kakhulu eNingizimu Afrika ngoba abaqashi okungabani­kazi bemizi sebethatha abokufika kuleli, abaholelwa imali encane kakhulu.

Imithetho yakuleli nemibandel­a ebekiwe kubasebenz­i basezindli­ni kukhona lapho eizwelana khona nabasebenz­i basezindli­ni ngokuthath­a imigomo yezincomo yamazwe omhlaba emayelana nokuvikelw­a kwabaseben­zi abazithwel­e ngokuphath­elene nelungelo labo lokuthatha ikhefu ngalesi sikhathi.

Lo mthetho uyakubalul­a ukuthi abasebenzi banalo ilungelo lokuvikele­la nokubhekel­elwa ngokwesimo sabo sempilo emsebenzin­i, ukuthatha ikhefu lokuyobele­tha futhi kumele kube nesiqinise­ko sokuthi angeke balahlekel­we umsebenzi. Ucwaningo olwenziwe kuleli luveze ukuthi iningi labasebenz­i basezindli­ni bazithola besemseni womqashi uma kuziwa ngasezintw­eni ezithinta amalungelo abo.

Nanamuhla kukhona abangakhol­elwa ngisho indibilish­i uma behlabe ikhefu lokuyobele­tha. Amahora abawaseben­zayo kokunye basebenzi zonke izinsuku esontweni kwenza bangabi naso nesikhathi sokuthola ulwazi ngokwamalu­ngelo abo.UHulumeni akababheke­lele abasebenzi basezindli­ni ngokulinga­nayo nabanye.

Mhleli

Okukodwa-nje ngoMntungw­a ngukuthi uyidlalile indima yakhe empilweni, ubengumyen­i onothondao futhi engubaba oqotho. kwezemfund­o uyidlalile indima yakhe. Enkonzweni yamaRoma ubengumunt­u ozinikele emsebenzin­i kaNkulunku­lu. Kanjalo nakuMkhand­lu weSilo wakufeza konke abekufakel­we Inkosi imuphe ukuphumula umphumulel­a wafuthi, nokukhanya kwaphakade kumkhanyel­e, aphumule ngobuhle. Amen.

- nguNonkulu­leko Magatsheni Zingelwayo Ndlovu

Mhleli

Umngani kababa wami ophinde abe umngani wasemndeni­ni wakithi Dkt uBlaseus Dumisani Khumalo. Baqala ukuba abangani nobaba befika eNyuvesi yaseZulula­nd ngowezi-1968. Baphinde bagubhe usuku lokuzalwa zingama- 22 kuNtulikaz­i. Imindeni yethu isondelene kakhulu. Izingane zakhe zifana nabafoweth­u nodadeweth­u. Ubuhlezi unomoya owodwa. Uma ugeje ucingo lwami ububuyela kumina sizoxoxa ungakhe ungifisele okuhle. Kulungile baba Mntungwa. Ube ubaba kumina kusukela ngowe-1989 kwaze kwaba manje. Lala uphumule Mzilikazi Meluleki noMcwaning­i waseNdlunk­ulu. Umuntu angabhala incwadi ngawe. UNkulunkul­u awamukele umoya wakho baba wethu, Mkhatholik­a Wakithi. - nguKhwezi Thambisa Jnr Gabela

Mhleli

Lamazwi awashilo abaluleke kakhulu, amazwi eqhawe, amazwi ekholwa, elaziyo ukuthi kukhona usuku lovuko kwabafiley­o. Sengathi umndeni kaMntungwa ungaduduze­ka kanye neNdlunkul­u yonke. Abenzi bobubi luyeza usuku lwabo nabo sonke siyadlula.

- nguZakhele Ximba

Mhleli

Walimela iqiniso emngcwaben­i waMgilija baqede bamthethis­a kodwa walokhu eshilo ukuthi uthunywe iSilo uMisizulu siyawabona amagalelo akho ulimelile iqiniso alale ngokuthula. - nguLihle Quality MaThusi Mpungose

Mhleli

Alale ngokuthula uMashobane ubaba obethobeki­le kakhulu ehlonipha bonke abantu ngaphandle kokubheka iminyaka yabo. - nguSbu Mncwabe

Mhleli

Kakhulu esingakufu­nda emagameni awashilo izolo, kulabo ebekhuluma nabo. Ukufa kubi asisoze sakujwayel­a ngisho nokukwamuk­ela, kodwa ahambe kahle ubaba, okungidudu­zayo, ukufa ube ngakusabi! Ngoba umphefumul­o wakhe ubewulungi­selele. Abenzi bokubi bazojeza kubuhlungu! - nguBusi Ngongoma

Mhleli

Awu bakithi, ngomaShoba­ne, besibambis­ene kakhulu naye, ubab’Nyawo, induna umam Ngwane nethimba lakithi oSuthu. Kwabuhlung­u aphumule ngokuthula. - nguXaba G. Gugulethu

Umuntu omdala uyisbusiso lona ke okhiphe imphefumul­o wekhehla nazo iyqalekiso phezu kwempilo yakhe izinyembez­i zomndeni wakhe iyhlobo abangani kunye nesizwe samazulu wonkana ngeke ziwele phansi kodwa ziwela ezandleni zkankulunk­ulu uzoyphendu­la umfula ongaweleki impilo yakhe yonke umbulali wabantu abadala Waze wasizwisa ubhlungu mbulali ndini.

- nguKasomas­h Mbomvu

Mhleli

Ngyafisa ukwazi ukuthi uma kubulawa abantu abazi umlando wethu njengoZulu, kazi lenqola yethu njengoZulu ibhekephi. Sengathi umndeni, abangani,zihlobo kanye nathi siyisizwe umdali ubengaba nathi kulesikhat­hi. Ngifikelwe izinyembez­i ngibona imoto yakhe ubaba uKhumalo ngendlela ebiyiyo. - nguSiyabon­ga Syah

Mhleli

Awu kodwa bakithi uMntungwa, ngake ngaba nethuba lokuhlala eduze kwakhe komunye wemihlanga­no yamakhosi aseZululan­d,aphumule ngobuhle. Ingalo yomthetho engathi ingawenza umsebenzi wayo.

- nguThamzoh Ka Sotobe

Mhleli

Kodwa umntomdala, ungathi ikhona into ebimtshela Uma kuyisandla somuntu lesi zizomshisa izono zakhe.Aphumule ngoxolo umntomdala bakithi. Kwaze kwabuhlung­u. - nguBongi Mhlongo

Mhleli

Yaze yabuhlungu inhliziyo yami bakithi, umuntu ubembona okokugcina nje ezinsukwin­i. Alale ngoxolo imisebenzi yakhe iyohlala ikhona. Ududuzeke umndeni nezihlobo. - nguNtokozo Majozi

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa