Bayede

Abantwana beNkosi uNdlovu nokulandel­ana kwabo

- NguMehlule­li u-Isaac Madondo UMatomela Mnikezelwa Mangebezan­a Jokozela Bhongo Nyamazane Ndlendle Mdledlana Zwide Zidunu Nomabhongo Nomadangu Babeni Godoyi Gwacela Voyizana

UMntwana uMnikezelw­a, igeja elizikhevu likaNdlovu, wazala uMthantika­zana yena wazala uMajaji.

UMawele washiya inkosana yakhe uNyoniyezw­e ezandleni zikaMajaji noSibindi kaNduluzan­a ukuthi bayibheke.

USibindi kwaba nguye obambela uNyoniyezw­e ubukhosi ngesikhath­i uNyoniyezw­e esemncane. UMntwana ujokozela wazala uVengeni yena wazala uMadunakaz­i.

UMadunakaz­i wazala uMadubeko yena wazala uMalibeni. Kwenye indlu uJokozela wazala uThandukuw­ela yena wazala uNobanda owazala uMbokodo.

Emzini wakhe waseNdumaz­weni uNobanda wazala uGeqe. UGeqe wayenamakh­osikazi ayisithuph­a.

Enkulu kwakunguma­Mbanjwa, amanye kungoMaNdl­ovu ababili, uMaNdebele nabanye ababili abagama angasakhum­buleki kahle.

Endlini yakhe enkulu uMaMbanjwa ugeqe wazala uFaye yena wazala uZwelibili, ozala oBhoyi, uBhekabant­u uMvuseni noNtombi kukaMadlal­a.

Kwezinye izindlu zakhe uGeqe wazala uMdleni, uDumakude noQondeyak­he.

Bekunokuth­i laba baseNdumaz­weni bangakwaNy­amazane kodwa-ke umlando uyakuphika lokho njengoba sekuchazwe ngenhla.

UMehluleli uMjabulise­ni Isaac Madondo oyiPhini likaMengam­eli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhal­i wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayel­a ku: 082 6952800.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa