Abantwana beNkosi uNdlovu nokulandelana kwabo
UMntwana uMnikezelwa, igeja elizikhevu likaNdlovu, wazala uMthantikazana yena wazala uMajaji.
UMawele washiya inkosana yakhe uNyoniyezwe ezandleni zikaMajaji noSibindi kaNduluzana ukuthi bayibheke.
USibindi kwaba nguye obambela uNyoniyezwe ubukhosi ngesikhathi uNyoniyezwe esemncane. UMntwana ujokozela wazala uVengeni yena wazala uMadunakazi.
UMadunakazi wazala uMadubeko yena wazala uMalibeni. Kwenye indlu uJokozela wazala uThandukuwela yena wazala uNobanda owazala uMbokodo.
Emzini wakhe waseNdumazweni uNobanda wazala uGeqe. UGeqe wayenamakhosikazi ayisithupha.
Enkulu kwakungumaMbanjwa, amanye kungoMaNdlovu ababili, uMaNdebele nabanye ababili abagama angasakhumbuleki kahle.
Endlini yakhe enkulu uMaMbanjwa ugeqe wazala uFaye yena wazala uZwelibili, ozala oBhoyi, uBhekabantu uMvuseni noNtombi kukaMadlala.
Kwezinye izindlu zakhe uGeqe wazala uMdleni, uDumakude noQondeyakhe.
Bekunokuthi laba baseNdumazweni bangakwaNyamazane kodwa-ke umlando uyakuphika lokho njengoba sekuchazwe ngenhla.
UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayela ku: 082 6952800.