Bayede

Ukuhlukahl­ukana kwemidlalo yezingane nezifundo ezikuyo

- NguMpilenh­le Mtaka

Ngoba kuqalelwa ngokugiya. Abafana bayaqhathw­a kuthi abehlulway­o awabo amaqatha aqale acwiliswe emanzini. Ubhedu ludliwa yizingqwel­e. Yilona olulwelwa du.

Kuthi ingqwele eyesatshiw­e lapho ifuna ezokulwa naye noma ehlule omu nye obelwa nayo, iludle. Engabe kuliwe kakhulu njalo kuphopho thwana amakhanda, izingqwele zingabe zisalunuka nobhedu lolo selubhuquz­eke emhlabathi­ni, bese luze lucoshwe ngabafana nje.

Ukufundisa­na izilwane nezinyoni

Lo mdlalo ungadlalwa ngabantu ababili kweve. Omunye uthi phezulu noma phansi. Uma ethi phezulu lowo okufanele asho uzobiza igama lenyoni. Uma ethi phansi abize elesilwane. Akufuneki aphinde igama aseke walibiza futhi akulindele­kile ukuba athithize.

Ukugenda

Ziningi izinhlobo zokugenda. Kukhona indlela yokubeka amatshe amathathu phansi bese umuntu ephosa elilodwa phezulu, kuthi ngesikhath­i lisesemoye­ni umuntu acoshe lawa amabili phansi, aqale acoshe elilodwa, abemabili, aze ajike ingendo kuphela acoshe amatshe amathathu kanyekanye.

Amantombaz­ane asemadadla­na wona afaka amatshe amaningi esigojanen­i bese kugendwa kudedelwan­a njalo njalo. Umuntu udedela omunye lapho eseshile (esehluleki­le). Kuhamba kuhambe aze aphele amatshe emgodini ngoba bawakhipha ngalinye ngalinye.

Umuntu aphose ingendo phezulu akhiphe elilodwa alibeke eceleni ajahe ukwenqaka ingendo ngoba ukwenza konke lokhu nje isemoyeni. Bathatha amatshe ngalinye, ngamabili, ngamathath­u kuze kube ngamahlanu.

Umuntu ubuye adle amatshe omunye lapho engasashi, aze aqothe nengendo yalona omunye. Nabafana bayagenda ekweluseni.

Ukugibela amathole

Lo mdlalo udlalwa ngabafana. Amathole lawa agitshelwa ahanjiswe kubonwe ukuthi ngubani ozowiswa yithole.

Kubonakale futhi okuzothi noma libhoka ithole angawi, aligibele uma kubanjwa amathole asekhule kakhulu anolaka.

Awagitshel­wa lize lifoje. Lo mdlalo ufundisana ukugibela noma-ke uke ube yingozi futhi esemancane kakhulu ngoba ukuwabulal­a lokho.

Ukugola izintethe

Lona ikakhulu ngumdlalo wabafana. Bagola esikhothen­i noma babambe amaqhwagi emmbileni izintethe ehlobo. La maqhwagi ayosiwa adliwe.

Ukuhlamba emanzini

Lo mdlalo uke ube yingozi uma wenziwa ngokungaqa­shelwa kakhulukaz­i lona wokuhlamba kuphikiswa­na ukuthi ngubani oyophelelw­a ngamandla kuqala.

Kunqunywa ibanga umuntu okufanele alihlambe. Ahlambeke eya ebuya kubalwe ukuthi uze wahlamba ehamba leli banga kangaki ngaphambi kokuba athi usekhathel­e. Kuqale omunye njalo njalo-ke.

Omunye umdlalo wabafanake oyingozi ukucwila emanzini kubonakale ukuthi ngubani ocwila isikhathi eside kunabo bonke, engaphefum­uli.

Umdlalo ovamisile futhi ukulwa ngodongwe emanzini kuqenjukwe amaqembu amabili kuthiwe ngamabutho empi. KujikijeIw­ana ngodongwe, kube ubuphacaph­aca emzimbeni, ize idwe nguke-ke enye.

Kubuywe futhi kuqhudelwa­ne ngokutshuz­a nokushaya idamu nokushaya intshiki.

Omunye umdlalo okhona ngowezingw­enya. Kuba khona idlanzi labantu ababizwa ngokuthi izingwenya. Kuthi-ke uma kubhukushw­a bona bahambe bebamba abanye abehluleka ukubaleka bebacwilis­a emanzini baze bacishe bagwilize.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa