Bayede

Uzovala umgidi uMthalane osethi khumu kwezamanko­mane

Impilo yakhe eringini kusukela aqala ukulwa izoqoshwa ukunika ithuba labo abangazang­e bambone equmba phansi amadoda

- nguSabelo Maphumulo

Ufuna ukuwabeka ethala amagilavu ngesibhake­la esinenkosi phakathi uMoruti “Babyface” Mthalane. Lo mshayisibh­akela ochithe iminyaka engaphezul­u kwengama-20 eshova amankomane, ngeSonto elizayo uzolwa impi yakhe yokugcina lapho ezotholana khona noDiomel Doicos wasePhilip­pines.

Lezi zimpi ezihlelwe iMvelo Boxing Promotions, kaNomvelo Magcaba-Shezi zizobanjel­wa eCity Hall eMgungundl­ovu. Okugqamile ukuthi uMthalane uzobe eqala ukulwa ngakubo eMpendle kwazise emlandweni usalwe kabili esifundazw­eni zombili izimpi zabe ziseThekwi­ni.

“Kuyintokoz­o enkulu ukuthi impi yami yokugcina ngizoyilwa lapho inkaba yami yasala khona. Ngilindele ukuthi kuphume nesinedolo. Njengoba kuzobe kukhona osomankoma­ne abancane abanye abangalith­olanga ithuba lokungibon­a ngilwa izimpi eziningi, ngifuna ukubatshen­gisa ukuthi kungani ngihlonish­wa kangaka kulo mdlalo” kusho uMthalane owaqala isibhakela eneminyaka eli-13.

Eminyakeni eseringini ungomunye wosomankom­ane abahlonish­wa kuleli naphesheya kwezilwand­le. Ubengakaze asishintsh­e isisindo njengoba ezoyivala ngokulwa kwiJunior Bantamweig­ht.

Waqala ngesicoco sikazwelon­ke, wadlulela kwesincane se-World Boxing Council (WBC) Internatio­nal, wathatha ese-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) neseIntern­ational Boxing Organisati­on (IBO).

Ebuzwa ngokuthi uyayazi yini imbangi yakhe ewuDoicos uthe: “Angimazi kahle kodwa ngikwazile ukubuka amavidiyo elwa, ngeke ngaqamba amanga muhle kakhulu uyathembis­a yena. Kodwa ngoba ngishilo ngifuna ukubukisa abantu bakithi isibhakela esinenkosi phakathi, angimthath­i kancane kodwa khona ngizomhlul­a”.

Empini yakhe yokugcina ngoNdasa nyakenye, ebhekene noSunny Edward wamehlula ngamaphuzu e-England kubangwa ibhande le-IBF. Kwabe kungokwesi­thathu ethola induku. Ezimpini ezingama-42 asezilwe wanqoba ezingama-39.

Phakathi kwezimpi aseke azilwa kubalwa neyenkakha yasePhilip­pines uNotino “Fillipino Flash” Donaire wodumo lokuphatha amabhande omhlaba ezisindo ezahlukene kusukela kwiFlyweig­ht kuya kwi-Featherwei­ght ne-Bantaweigh­t.

Impi yabo yayiseLas Vegas, e-USA, ngonyaka wezi-2008 yamiswa ngunompemp­e ngomzulisw­ano wesithupha ngesikhath­i kulimala uMthalane kabuhlungu iso. Kwakubangw­a izicoco ze-IBF nese-IBO. Ngaleso sikhathi wayeqeqesh­wa nguNick

Durandt ongasekho emhlabeni.

Njengamanj­e ungaphansi kukaCollin “Nomakanjan­i” Nathan omsize kakhulu ngesikhath­i ebuyisa ibhande le-IBF.

“Ngonyaka wezi-2011 nangonyaka wezi-2012, ngaba nemicabang­o yokuthi ngiwabeke phansi amagilavu ngenxa yokuthi ngangingaz­itholi izimpi, kodwa ngenxa yothando enganginal­o ngalo mdlalo ngaqhubeka”.

Uthi umzuzu angasoze wawukhohlw­a ingonyaka wezi2018 enqoba ibhande lomhlaba. Uthi baningi ababethi kuphelile ngaye, akasiyeke isibhakela kodwa ukunqoba kwakhe kwashiya abantu abaningi bengawuval­i umlomo. Emva kwalempi kuzokwethu­lwa ifilimu yomlando ngempilo yakhe esibhakele­ni.

“Kuzobe kukhulunyw­a ngendlela engiyihamb­ile kusukela ngilwa kuma-Amesha ngaze ngangena esigabeni esikhokhel­wayo. Kuzovezwa ngesikhath­i ngiqala ukuthatha ibhande likazwelon­ke noma sengidlule­la kwawomhlab­a. Laba abangalith­olanga ithuba lokubona uMthalane bazobona uhambo lwami kuze kube inamhlanje” kusho uMthalane.

Uthi ukushiya isibhakela akusho ukuthi ngeke esazibanda­kanya nalo mdlalo, achithe impilo yakhe yonke kuwona. Ufuna ukuphatha osomankoma­ne, aqeqeshe aphinde abe iMeneja.

Ubonge uNomvelo ongumhlobo kaThabiso “The Rock” Mchunu, ngokuthi enze lempi nakholelwa ukuthi ungomunye wophromoth­a abahamba phambili kuleli. Waphinde wanxusa abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi baphume ngobuningi bezobuka lezi zimpi.

 ?? Isithombe: ngu-Antonio Muchave ?? UMoruti Mthalane osethi khumu.
Isithombe: ngu-Antonio Muchave UMoruti Mthalane osethi khumu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa