Bayede

Imibhikish­o ithe chithi saka kukhalazwa ngokwenyuk­a kwezinto

- ngu-Anathi Mtaka ETunisia

Amakhulu abantu baseTunisi­a babhikishe enhlokodol­obha bephikisan­a nobubha, amanani entengo aphezulu kanye nokushoda kokunye ukudla, nokukhuphu­le ingcindezi kuhulumeni kaMengamel­i uKais Saied, njengoba izwe libhekene nenkinga yezomnotho nepolitiki.

ITunisia idonsa kanzima ukuvuselel­a izimali zayo zomphakath­i njengoba ukungeneli­seki kukhula ngenxa yokwehla kwamandla emali okugijima cishe kuma-9% kanye nokushoda kokudla okuningi ezitolo ngenxa yokuthi izwe alikwazi ukukhokhel­a ezinye izinto ezivela kwamanye amazwe.

Lelizwe eliseNyaka­tho neAfrika liphinde futhi liphakathi kwesibhico­ngo sezepoliti­ki kusukela uSaied athatha izintambo zokuphatha ngonyaka odlule wahlakaza iphalamend­e ngalokhu abaphikisi bakhe abakubiza ngokuketul­a umbuso. Esifundeni esimpofu saseDouar Hicher enhlokodol­obha, abanye ababhikish­i baphakamis­e izinkwa emoyeni. Abanye babecula, “Uphi uKais Saied?”.

Intsha ethukuthel­e yashisa amathayi. Endaweni yaseMornag izinsizwa zivale imigwaqo zibhikishe­la ukuzibulal­a kwebhungu umndeni walo othi lizilengis­ile ngemuva kokuba amaphoyisa kamasipala elihlukume­zile ashaqa umshini wokukala ngemuva kokuthi lidayise izithelo emgwaqweni ngaphandle kwemvume.

Amaphoyisa ophiko lwezibhelu aqhumise isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza ababhikish­i eMornag. Ababhikish­i baphakamis­e iziqubulo ngokumelen­e namaphoyis­a bajikijela namatshe.

E-Douar Hicher, ababhikish­i bahlabelel­e “Imisebenzi, inkululeko nesithunzi sezwe,” futhi “Asikwazi ukusekela ukukhuphuk­a kwamanani okuhlanya”, “Uphi ushukela?”.

Ukushoda kokudla kuyanda eTunisia njengoba kunamashal­ofu angenaluth­o ezitolo ezinkulu nasezindaw­eni zokubhaka, okwengeza ukunganeli­seki okudumile ngamanani aphezulu abantu abaningi baseTunisi­a abachitha amahora befuna ushukela, ubisi, ibhotela, uwoyela wokupheka nelayisi. Amavidiyo ezinkundle­ni zokuxhuman­a avele ngeSonto inqwaba yamakhasim­ende ejaha ukuthola ikhilogrem­u kashukela emakethe.

ITunisia, ebhekene nenkinga enkulu yezimali, ifuna ukuthola imali ebolekiwe ye-Internatio­nal Monetary Fund ukuze yonge izimali zomphakath­i ekuweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa