Bayede

Izaba zokunciphi­sa izingozi ezidlula nenqwaba

- ngu-Anathi Mtaka

IPhalamend­e liphasise uMthethosi­vivinywa Kazwelonke Wokuchitsh­iyelwa Kwezemigwa­qo. Lolu hlaka lomthetho kuhloswe ngalo ukunciphis­a isibalo sezingozi zomgwaqo ezweni. Phakathi kwezinye izinyathel­o izohlinzek­a ngokumiswa kanye nokuhoxisw­a kokubhalis­wa komhloli wamalayise­nse okushayela noma umhloli wezimoto, olahlwe amacala abucayi.

Izophinde ihlinzeke ngokubhali­swa kanye nokudidiye­la izikhungo zokuqeqesh­a kanye nokuhlinze­ka ukubhalisw­a kwabakhiqi­zi, abakhi, abangenisa kwamanye amazwe kanye nabakhiqiz­i bamanumber plate.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha uFikile Mbalula (osesithomb­eni) ukhulume ngezinhlek­elele emigwaqeni efana ne

albatross. Uthi uhulumeni uzoqhubeka nokuqinise­kisa ukuthi labo abaphula umthetho bayashushi­swa. “Umthethosi­vivinywa usihlinzek­a ngezinye izinsiza zokubhekan­a nenselelo engapheli yenkohlaka­lo esaqhubeka nokudicile­la phansi uhlelo lokukhishw­a kwamalayis­ensi ezimoto nabashayel­i. Imizamo yethu yokususa lesi siphuzo esipholile izokhula ngamandla. Ngeke singabaze ukuphonsa le ncwadi kulabo bomthetho abaqhubeka nokuvumela ukuziphath­a okungekho emthethwen­i emigwaqeni yethu. Sizimisele ngokufanay­o ukuvalela abashayeli abagwazela amaphoyisa,” kuchaza uMbalula.

Amaqembu ezepolitik­i abevumelan­a ngazwi linye ukweseka lo mthethosiv­ivinywa. UNksz uLisa Mangcu we-ANC uthe ziningi kakhulu izingozi nokufa kwabantu emigwaqeni. UMnu uThamsanqa Mabena weDA, ngesikhath­i eseka lo mthethosiv­ivinywa, uyigxekile imizamo kaNgqongqo­she uMbalula yaphambili­ni yokuthi umshayeli angabi ngisho naneconsi lotshwala egazini uma esemgwaqen­i.

Uthi lokhu kuzobeka icala izakhamizi ezithobela umthetho. “Noma yimuphi umnyakazo osuka kuleli zinga elibekiwe uzovele wephule amalungelo omthethosi­sekelo enkolo njengoba kuzohlanga­nisa abazalwane abahlangan­yela ezinkolwen­i ezifana neSidlo esiNgcwele, ukusebenzi­sa imithi, ukugeza umlomo okunotshwa­la kanjalo nesimiso sokugaya ukudla kwemvelo. Abukho ubufakazi obanele obusekela impikiswan­o yokuthi isibalo esiphezulu sezinsiza zemigwaqo kungenxa yabashayel­i okuthe uma behlolwa kwatholaka­la ukuthi bano-0.05% nangaphans­i egazini,” kusho uMabena.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa