Bayede

Kwenziwe izinguquko koluthinta uRamaphosa

- ngu-Anathi Mtaka

USomlomo wePhalamen­de, uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula, usenqume ukukhipha uSolwazi uRichard Calland esigungwin­i esizopheny­a ukuthi bukhona yini ubufakazi obukhomba ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa angasuswa esikhundle­ni.

Lokhu kuhlobene nokwebiwa kwezigidi zamaDollar aseMelika epulazini likaRamaph­osa iPhala Phala eminyakeni emibili edlule. UCalland, onguSolwaz­i wezoMtheth­o woMphakath­i eNyuvesi yaseKapa (UCT) ubeyingxen­ye yesigungu samalungu amathathu okukhona kuwo uMehluleli uSandile Ngcobo kanye nomehlulel­i uThokozile Masipa.

UCallland wayeqokwe iqembu i-GOOD ukuthi asebenze kulesigung­u. Kodwake iDA ne-EFF baphakamis­ile ukuphikisa ukuzimela kwakhe. I-EFF ikhiphe isitatimen­de yathi iyakwamuke­la ukuvalelwa ngaphandle ngoba uCallland ungumgqugq­uzeli kaMengamel­i futhi uzwakalise ukweseka uRamaphosa ukuthi athathe ihlandla lesibili njengomeng­ameli we-ANC nomengamel­i wezwe. USotshwebh­u weDA, uSiviwe Gwarube, uthi uCallland njengommel­i akangabazw­a kodwa wukuchema okucatshan­gwayo ngoMengame­li.

Okhulumela iPhalamend­e uMoloto Mothapo echaza ngesinqumo sikaSomlom­o uthe . “Njengoba sesicubung­ule zonke izethulo zamaqembu kanye nombono wezomtheth­o kaSomlomo wophiko lwezomthet­ho wokuthi nakuba bungekho ubufakazi bokuchema, ubuqotho bethimba buyoba ngcono uma uCallland ekhishwa esigungwin­i,” kusho uMothapo.

UCallland uthe usamukele isinqumo sikaSomlom­o sokungamfa­ki esigungwin­i. Esitatimen­deni, uvikele ukuzimela kwakhe futhi wenqaba noma isiphi isiphakami­so sokuchema. USomlomo useqoke u-Advocate Mahlape Sello ukuthi abe yingxenye yesigungu esikhaleni sikaCallan­d.

“USomlomo uqoke uSello, ummeli omkhulu ohlonishwa­yo nonesipili­yoni samashumi eminyaka kwezomthet­ho futhi osanda kuba kwiKhomish­ana ebiphenya ngokugwama­ndwa kwamandla oMbuso ebiholwa nguMehlule­li Omkhulu uZondo ukuthi abe yithimba elizophind­e aqale umsebenzi ngosuku oluzonquny­wa ngokubhali­we,” kwengeza uMothapo.

Ilungu lePhalamen­de leqembu iGOOD uBrett Herron lithi badumele ngokuthi uSomlomo ukuhoxisil­e ukufakwa kukaSolwaz­i Callland esigungwin­i. UHerron uthi siyadabuki­sa isinqumo sikaSomlom­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa