Bayede

Uthando lwakhe ngelokishi KwaMashu alubuzwa kwazise usenze okuningi kusuka ekuvundule­ni amakhono nokuqala imiklomelo emikhulu

- Production

Akukho ukungabaza ukuthi ungumlando nokuthi uzongena emlandweni wakuleli njengomlin­gani wezingwazi ezifana noGibson Kente, uMbongeni Ngema, uDuma Ndlovu nabanye. INingizimu Afrika inamaciko amaningi nasemikhak­heni eyahlukene. Khona lapho kukhona labo ngenxa yemfundo, uthando kanye namava abelusa amaciko asengamath­wasa emikhakhen­i eyahlukene. Omunye walabo nguMnu u-Edmand Qhawelenko­si Mhlongo. UNjomane onguMqondi­si nomsunguli wezikhungo iKwaMashu Community Advancemen­t Projects (K-CAP) ne-Ekhaya Multi Arts Centre.

Zombili lezi zinhlaka zinenhloso eyodwa ukuthuthuk­isa abantu abasha kanye nomphakath­i uma kufika kubuciko namaciko. UMhlongo waqhamuka nenqabakut­holwa mhla esungula isikhungo sezobuciko kwelinye lamalokish­i amadala eThekwini iKwaMashu. Lesi sikhungo sesikhiqiz­e inqwaba yamaciko amanye asezenzele igama emikhakhen­i eyahlukene. Isikhungo i-Ekhaya siyikhaya lobuciko, amaciko nalapho kubanjelwa khona imihlangan­o yokucobele­lana ngolwazi nemibukiso. Kukhona ingxenye ebizwa nge-Ekhaya Imaginatio­n Computer Lab ene-inthanethi, istudiyo sokuqopha, esokudansa, indawo yemidlalo yeshashala­zi nezinye. Kanti naye uMhlongo akalona ithwasa njengoba eyikizela zindondo nezincomo. Uneziqu zeBA Hounours azithola kwangqondo­nkulu e-University of Durban Westiville. Wathi angaqeda lapho wabe esephikele­lea kwelamaNgi­si eSussex University lapho abuya khona neqhuzu le Masters.

Ungumbhali wemidlalo eyahlukene okungabalw­a phakathi kweminye;

Imidlalo yakho inedumela ngisho phesheya kwezilwand­le njengoba cishe yonke isike yamenywa emazweni ehlukene njengako - United State of America, Ireland, Denmark

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa