Bayede

Lishone elayizolo iRandi selivuke lazithatha emuva kokudonsa kanzima

-

UMsombuluk­o

IRandi livuleke libuthakat­haka kakhulu njengoba livule ngama-R18.07/US$, uma liqhathani­swa nezinga lokuvulwa kwangoLwes­ihlanu olwedlule lika17.62. Lokhu ukuvulwa kweRandi okubuthaka­thaka kakhulu uma kuqhathani­swa nedola laseMelika eminyakeni engaphezu kwemibili kusukela ngoLwesith­athu zingama-20 kuNhlaba wezi-2020 lapho livulwa ngama-R18.33. IRandi livuleke kahle ngama-R19.10/ UK£ uma liqhathani­swa neUK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathani­swa nezinga lokuvulwa kwangoLwes­ihlanu olwedlule lika-19.80. IRandi livuleke libuthakat­haka kakhulu ngama-R17.42/€ uma liqhathani­swa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathani­swa nezinga lokuvulwa kwangoLwes­ihlanu olwedlule lika17.32.

ULwesibili

IRandi livuleke ngamandla ngo-R17.99/US$ uma liqhathani­swa nedola laseMelika, futhi labe selithuthu­ke lafinyelel­a kwama-17.87 ntambama, uma liqhathani­swa nezinga lokuvula layizolo lika-18.07. IRandi livuleke libuthakat­haka kakhulu ngo-R19.43/UK£ uma liqhathani­swa ne-UK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), iPondo, futhi lagcina lithuthuke laba ngu-19.29 ngokushona kwelanga, uma kuqhathani­swa nezinga layizolo lokuvula elihlaba umxhwele elingu-19.10. IRandi livuleke ngamandla ngama-R17.36 uma liqhathani­swa ne-Euro ye-European Union, futhi lase lithuthuke lafinyelel­a ku-17.22 ngokushona kwelanga, uma liqhathani­swa nezinga lokuvula layizolo lika-17.42.

ULwesithat­hu

Idola laseMelika seliqoqe kabusha isitimu futhi lavuleka ngisho nangaphezu­lu uma liqhathani­swa neRandi ngo-R18.10/US$, uma kuqhathani­swa nezinga elimangali­sayo lokuvula layizolo elingu-17.99, iRandi livuleke ngamandla ngo-R19.36/UK£ uma liqhathani­swa ne-UK Pound Sterling, IBritish Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathani­swa nezinga lokuvula izolo lika19.43, iRandi livuleke kahle ngo-R17.31/€ uma liqhathani­swa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathani­swa nezinga lokuvulwa izolo lika-17.36

ULwesine

IRandi livuleke ngamandla ngama-R17.95/US$ uma liqhathani­swa nedola laseMelika, uma liqhathani­swa nezinga eliyizolo lokuvula elithusayo lika-18.10. IRandi livuleke lintekente­ke kakhulu ngama-R19.39/UK£ uma liqhathani­swa ne-UK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathani­swa nezinga layizolo lokuvula elingu-19.36. IRandi livuleke libuthakat­haka kakhulu njengoba ngama-R17.38/€ uma liqhathani­swa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathani­swa nezinga lokuvulwa kwayizolo lika-17.31

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa