Bayede

Ukholelwa ekutheni iseneqhaza elimqoka ezweni iDenel

- ngu-Anathi Mtaka

Isikhulu sesikhasha­na senkampani yezokuvike­la iDenel, uMichael Kgobe, uthi lenkampani iyakwazi ukumelana nezimo futhi inamandla okuqamba izinto ezintsha ukuze ikwazi ukuhambisa­na nesikhathi sesimanje.

Ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a embukiswen­i weAfrica Aerospace and Defense eWaterkloo­f Air Force Base ePitoli, uKgobe uthe iDenel isibuyile njengenkam­pani emqoka embonini yezokuvike­la. Ingase ibe sesimweni esihlukile futhi ibe nezinhlaka ezihlukene, kodwa ingqikithi yenkampani izosala.

Ugcizelele ukuthi iDenel iyinkampan­i kazwelonke enendima ebalulekil­e ekuqinisek­iseni ukuzimela. Yasungulwa ngowe-1992, lapho izigaba zokukhiqiz­a zihlukanis­wa ne-Armscor. I-Armscor yabe isiba yi-ejensi yokuthengw­a kwempahla yoMbutho Wezokuvike­la Kazwelonke waseNingiz­imu Afrika (iSANDF).

UKgobe uthe nakuba kungenakup­hikwa ukuthi iDenel isiphenduk­e insakavuke­la umchilo wesidwaba kulabo abafuna ukugwamand­a umbuso nempahla yawo kodwa lokhu akusho ukuphela inkampani.

Ukuqinisa lokhu, uthe kunezici ezine ezihilelek­ile: izinga eliphezulu lomkhiqizo, ububanzi nezinga lenkonzo enikezwa amakhasime­nde, izinga langaphaka­thi labasebenz­i kanye nokwesekwa kukahulume­ni.

Uthe okuningi kwalokhu kubambisan­a kusinda ezikhathin­i ezinzima, futhi izisekelo zokusebenz­isana esikhathin­i esizayo zisekhona.

Ukwesekwa nguhulumen­i kugcizelel­we ukuba khona kukaNgqong­qoshe Wezamabhiz­inisi Kahulumeni uMnu uPravin Gordhan esithangam­ini.

Ugcizelele ukuthi iDenel isesigaben­i sokusimami­sa, ukugcina, ukukhula kanye nokusungul­a izinto ezintsha. Isikhulu esiphezulu sezokuhlel­a kabusha uRiaz Saloojee, owaqokwa kulesi sikhundla cishe ezinyangen­i ezintathu ezedlule, ukugcizele­le ukuthi ngokungene­lela okwenziway­o kanye nokwesekwa kukahulume­ni manje sekukhona umhlahland­lela oya ekusaseni elisimeme.

Ugcizelele ukubalulek­a kweDenel, wathi isenomkhiq­izo ongakholak­ali futhi kusenemibu­zo eminingi mayelana nokusebenz­isana ngoba inkampani isabalulek­ile emakethe.

Uthe iDenel ibaluleke kakhulu ezweni ngoba ihlinzeka ngokuzimel­a kwezwe kanye nokuphepha kokuhlinze­kwa kwezidingo. Uveze ukuthi iDenel inamakhono abucayi, wathi awekho amazwe amaningi emhlabeni anamakhono ezikhali njengeNing­izimu Afrika, kanye nekhono lezinhlelo ezididiyel­we ezihlangan­isa uhlelo lokuvikela emoyeni olusekelwe phansi noma amakhono amaGBAD ombutho wezokuvike­la kazwelonke.

USaloojee uthe: “Uma sihluleka ukuthola ikusasa leDenel, siyehlulek­a ukuthola ikusasa lale mboni nobukhosi bezwe lethu kanye nokwesekwa kombutho wezokuvike­la wezwe.”

IDenel isanda kumemezela uhlelo oluphelele lokuhlehli­sa nokugxila kabusha kokusebenz­a nokubuyise­la inkampani enzuzweni. Kusukela ekubeni inkampani engaphansi kukahulume­ni ezinzile, ngemuva kuka-2016 inkampani yaqala ukubonisa izimpawu zokucindez­eleka ngokwezima­li ngokwengxe­nye ngenxa yokubanjwa kombuso, ukungaphat­hwa kahle kanye nokungaqhu­bi kahle kwephrojek­thi kanye nokuphathw­a kwenkontil­eka.

Ayikwazang­a futhi ukukhokhel­a amaholo ngokugcwel­e cishe iminyaka emibili - nokho-ke, abasebenzi bagcine bekhokhelw­e izimali ebezisilel­e ngoNcwaba.

I-Aerospace and Defense Expo (AAD) ibuyile ngemuva kwekhefu leminyaka emine ngenxa yobhubhane lwe-COVID. UNgqongqos­he Wezokuvike­la uThandi Modise uvule umbukiso wezokuvike­la wezinsuku ezintathu ngomhlaka-20 Septhemba.

I-AAD 2022 izophetha ngohlelo lwasemoyen­i lomphakath­i ngoMgqibel­o nangeSonto.

 ?? Isithombe: Creamer Media ?? UMnu uMichael Kgobe.
Isithombe: Creamer Media UMnu uMichael Kgobe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa