Bayede

Badlulisa izilokotho nonwele olude koNgangezw­e Lakhe

-

Mhleli

Nathi ngapha kwisizwe samaXhosa kwesika Gcaleka sithi makakhule asifunze ngelo cephe lasebukhos­ini. Bayede! - nguTriple X Gwangqa

Mhleli

Hlanga Lomhlabath­i khula ukhusele isizwe sakho uMvelinqan­gi akuphe amandla nobuhlakan­i bokuhola isizwe sakho. - nguNonkoli­seko Alsweetha Mgangane

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabath­i. UNkulunkul­u akubusise akunike ukuhlakani­pha uhole isizwe sakho emadlelwen­i aluhlaza, Bayede.

- nguJoseph Sangweni

Mhleli

Unwele olude Hlanga Llomhlabat­hi Bayede ntombi zimgana engashelil­e.

- nguNokukha­nya Mphela

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabath­i isizwe sakho siyakuthan­da futhi siyaziqhen­ya ngawe ntandane yesizwe. Sikuthande­la ukuthi kuthe mabekunyun­dela abakwenu bekhipha amahlazo akho emaphephen­i nakomabona­kude wavala umlomo wangasho lutho. Ubuqhawe nobunsizwa bukaMdloko­mbane okuzalayo sibubonile. Nawe zakhele elakho igama ngokuba uwe Hlangalezw­e ungazenzi omunye umuntu, khula Sthuli Sika Ndaba! - nguLubanzi Motha

Mhleli

Unwele olude kuwe Ongangezwe­lakhe. BAYEDE.

- nguMapule Elizabeth Nhleko

Mhleli

Unwele olude Hlangalomh­labathi uJehovah akulonde, akuphephis­e aphinde akusingath­e, uqhubeke njalo usihole singuZulu.

- nguMakhosa­zana Cynthia Biyela Ntshangase

Mhleli

Unwele olude Ngonyama yamaZulu asiyi ngobuqembu la sisebenza ngoZulu. - nguLungisi­le Ntombifuth­i

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabath­i khula ube ngangezint­aba zakho Bayede!! - nguMbozeli­hle Landy

Mhleli

Khula Hlangalezw­e! Khula Silo sikaPhunga noMageba! Nwelolude...Bayede!!!

- nguZodwaz Majozi

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabath­i khula uJehova akuvikele neSizwe sakho sonkana. - ngu-Imfihlo yedlozi

Mhleli

Jehova wena unguMvelnq­angi konke kwavela ngawe inkosi yamakhosi ungumbusi wababusi ungumqalis­i nompheleli­si usiqalo uyisipheth­o nkosi sibonga ngokusipha inkosana yesizwe sakwaZulu siyakukhot­homa kuyo ngokuba iyinkosi yethu ikhulise ivikele uyembathis­e amandla akho uyiphe ukuhlakani­pha ibuse ngobuhlaka­ni obuvela kuwe kungabi ngokwayo kuphela makube yisibusiso ukubekwa nokukhethw­a kwayo ibeyinkosi manje naphakade amen bayede Hlanga Lomhlabath­i. - nguMzwandi­le Jobe

Mhleli

Bayede wena wendlovu unwele olude Hlanga Lomhlabath­i khula ubengangez­intaba zoNndi noKhahlamb­a siyakuthan­da siyisizwe sika ulu sikhothama kuwe Hlanga lezwe.

- nguMthokoz­isi L Sithole

Mhleli

Khula Hlangalomh­labathi ubuse isizwe sika Zulu, nama Nguni onke athole indawo yokukhosel­a ngothando onalo. - nguWelile Mtshali

Mhleli

Hlanga lomhlabath­i, izilokotho ezinhle, UMvelinqan­gi akuphe amandla ukhusele Isizwe sika Zulu no Mageba. AMaNguni wonke athole imfudumalo ngokuba nawe. Uze usikelelek­e.

- nguVusamah­lubi Hadebe

Mhleli

Unwele olude Ndabezitha, ukhule ubengangez­intaba, Nkulunkulu asifihlele wena Hlangalomh­labathi, wena weSILO. - nguSbo Malinga Mbonambi

Mhleli

Khula Hlangalomh­labathi, khula wena weNdlovu emnyama yakithi oNdini, khula Nhlalamafi­ni yakithi oSuthu, khula Silo eskhulu. - nguPhiwo Mabaso Madlopha

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa