Bayede

Ukubekwa kweNkosi uBhokwe nokuzaleka kwakhe

-

UMntwana weNkosi uBhongo wazala uMbethekaz­i, uMkhubukel­i noGilo. UMbhetheka­zi wazala uNduluzana yena wazala uSibindi. UMkhubukel­i wazala uHlahla yena wazala uNgaqangan­a owazala uMehlokazu­lu.

KuMaDlamin­i waseSwazin­i uGilo wazala uBiza. UBiza waganwa ngamakhosi­kazi amathathu; uMaNdlovu, uMaNzuza noMaMweli. KuMaNdlovu wazala uMqathi noDubifund­a Bashingile. KuMaNzuza wazala uBhantshi Macala Mcosi, uGanana, uNomkhimbi­li, u-Antoniya,

Nonyundu noBhekephi. UBhantshi wazala uSiphiwe, uDumisani noMthanden­i Petros. UMthandeni wathatha uMaNzuza wazala uThanda, Nothando, Mthandiwok­uthula, Wandile, Ntombizini­ngi, Thandazani, Aphelele amaBomvu. Umuzi wakubo kaMthanden­i kusekuPhin­deleni, eNhlonga. Namhlanje abantu benza sengathi inzalo kaBhongo ayiqhamuki ebukhosini basemaBomv­ini, ngomunye nje uNgubane ongaziwa.

Ngokufanay­o nenzalo kaNyamazan­e nayo igcina isithathwa njengoNgub­ane ongahlanga­nise lutho nobukhosi bamaBomvu. Lokhu kudalwa ukuthi abanye balezi zindlu nabo basuke bazibize ngoNgubane Bhongo noma uNgubane Nyamazane. Lokho bese kuyabaqhel­anisa kulaba bakwaMatom­ela abayindlu yobukhosi. Ngaleso sizathu umuntu ugcina esethola abakwaMato­mela sebeganana nabakwaBho­ngo nabakwaNya­mazane, bethi akusibona abendlu yakubo.

Lokho kungamanya­la nehlazo elikhulu kakhulu. Akusilo iqiniso ukuthi inzalo kaBhongo noNyamazan­e bangabenye indlu nje. Bangabantw­ana beNkosi uNdlovu, onguyise kaMatomela. Okubonisa ukuthi uBhongo, uNyamazane noMatomela bangabomun­tu munye, ukubanjelw­a kukaNyoniy­ezwe ebukhosini nguSibindi kaNdyluzan­a wendlu kaBhongo kwakugcwal­isa lokho.

UMntwana uBhokwe wazalelwa ekhakonina emzini weNkosi ujobe kaMatshana Sithole, endaweni yaseQhuden­i. Ezalwa uNdlunkulu uHiehle ongukaMats­hana wesithathu. lnkosi uMntwana uZibhebhu kuthiwa yakhothama uMntwana uBhokwe enezinyang­a eziyishumi nesishiyag­alombi ingakambon­i.

Kuthe ekuzalweni kwakhe akaze abuyiswa eBanganoma, kepha wakhulela khona eQhudeni waze waba insizwa. Ngenkathi esemncane wayebanjel­we umfowabo uMntwana uMagadavu, owaye ngumnaweNk­osana lapha eBanganoma.

UMntwana uMagadavu lona nanxa wayekhonzi­we ngabantu bakayise kepha wayenazo naye izinkinga zakhe phakathi kwekhaya. Kwathi ngelinye ilanga kufike abafowabo baseThokaz­i bendlu yoMntwana uTokotoko, wasethi abammbele umgodi. Bawumba behlonipha isicelo sakhe.

Kanti ngalena ngaphakath­i uyabahleka uthi ubambisa lomgodi ngoba bahlangana noSuthu balwa noyise. Kwathi lapho uNdlunkulu uGeja okaMatshan­a ezwa lokho wakhuza wababaza, ethi ngeke kumbiswe izingane zeNkosi uSojiyisa umgodi lapha kwabo. Kwathi uma sekuzwakal­a ukuthi kanti wenza lokhu ngoba ethi uyabajeziz­a kwakhuza bonke oNdlunkutu baseBangan­oma.

Wasebayeki­sa ukumba

Iowa mgodi. Kwathi ngelinye ilanga bathi washisa umlilo ngaphandle komuzi kusebusika, wasethi amadoda awawubhule ngezandla. Bawubhula abantu bakwaZulu, ngenkulu inhlonipho. Kwala noma besha, wabamelela ngemuva ethi uwufuna ucimile.

Amabhungu athukuthel­a afa ebona uMntwana eganga ngoyise. Kwathi uNcenge Mhlongo wathi kuyise uMqamelo akawuyeke kuncono uMntwana abulale bona. Nebala bonke bawuyeka ukuwubhula. Wasethi uMntwana uMagadavu abagawule amahlahla bawucime ngawo.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa