Ukubekwa kweNkosi uBhokwe nokuzaleka kwakhe
UMntwana weNkosi uBhongo wazala uMbethekazi, uMkhubukeli noGilo. UMbhethekazi wazala uNduluzana yena wazala uSibindi. UMkhubukeli wazala uHlahla yena wazala uNgaqangana owazala uMehlokazulu.
KuMaDlamini waseSwazini uGilo wazala uBiza. UBiza waganwa ngamakhosikazi amathathu; uMaNdlovu, uMaNzuza noMaMweli. KuMaNdlovu wazala uMqathi noDubifunda Bashingile. KuMaNzuza wazala uBhantshi Macala Mcosi, uGanana, uNomkhimbili, u-Antoniya,
Nonyundu noBhekephi. UBhantshi wazala uSiphiwe, uDumisani noMthandeni Petros. UMthandeni wathatha uMaNzuza wazala uThanda, Nothando, Mthandiwokuthula, Wandile, Ntombiziningi, Thandazani, Aphelele amaBomvu. Umuzi wakubo kaMthandeni kusekuPhindeleni, eNhlonga. Namhlanje abantu benza sengathi inzalo kaBhongo ayiqhamuki ebukhosini basemaBomvini, ngomunye nje uNgubane ongaziwa.
Ngokufanayo nenzalo kaNyamazane nayo igcina isithathwa njengoNgubane ongahlanganise lutho nobukhosi bamaBomvu. Lokhu kudalwa ukuthi abanye balezi zindlu nabo basuke bazibize ngoNgubane Bhongo noma uNgubane Nyamazane. Lokho bese kuyabaqhelanisa kulaba bakwaMatomela abayindlu yobukhosi. Ngaleso sizathu umuntu ugcina esethola abakwaMatomela sebeganana nabakwaBhongo nabakwaNyamazane, bethi akusibona abendlu yakubo.
Lokho kungamanyala nehlazo elikhulu kakhulu. Akusilo iqiniso ukuthi inzalo kaBhongo noNyamazane bangabenye indlu nje. Bangabantwana beNkosi uNdlovu, onguyise kaMatomela. Okubonisa ukuthi uBhongo, uNyamazane noMatomela bangabomuntu munye, ukubanjelwa kukaNyoniyezwe ebukhosini nguSibindi kaNdyluzana wendlu kaBhongo kwakugcwalisa lokho.
UMntwana uBhokwe wazalelwa ekhakonina emzini weNkosi ujobe kaMatshana Sithole, endaweni yaseQhudeni. Ezalwa uNdlunkulu uHiehle ongukaMatshana wesithathu. lnkosi uMntwana uZibhebhu kuthiwa yakhothama uMntwana uBhokwe enezinyanga eziyishumi nesishiyagalombi ingakamboni.
Kuthe ekuzalweni kwakhe akaze abuyiswa eBanganoma, kepha wakhulela khona eQhudeni waze waba insizwa. Ngenkathi esemncane wayebanjelwe umfowabo uMntwana uMagadavu, owaye ngumnaweNkosana lapha eBanganoma.
UMntwana uMagadavu lona nanxa wayekhonziwe ngabantu bakayise kepha wayenazo naye izinkinga zakhe phakathi kwekhaya. Kwathi ngelinye ilanga kufike abafowabo baseThokazi bendlu yoMntwana uTokotoko, wasethi abammbele umgodi. Bawumba behlonipha isicelo sakhe.
Kanti ngalena ngaphakathi uyabahleka uthi ubambisa lomgodi ngoba bahlangana noSuthu balwa noyise. Kwathi lapho uNdlunkulu uGeja okaMatshana ezwa lokho wakhuza wababaza, ethi ngeke kumbiswe izingane zeNkosi uSojiyisa umgodi lapha kwabo. Kwathi uma sekuzwakala ukuthi kanti wenza lokhu ngoba ethi uyabajeziza kwakhuza bonke oNdlunkutu baseBanganoma.
Wasebayekisa ukumba
Iowa mgodi. Kwathi ngelinye ilanga bathi washisa umlilo ngaphandle komuzi kusebusika, wasethi amadoda awawubhule ngezandla. Bawubhula abantu bakwaZulu, ngenkulu inhlonipho. Kwala noma besha, wabamelela ngemuva ethi uwufuna ucimile.
Amabhungu athukuthela afa ebona uMntwana eganga ngoyise. Kwathi uNcenge Mhlongo wathi kuyise uMqamelo akawuyeke kuncono uMntwana abulale bona. Nebala bonke bawuyeka ukuwubhula. Wasethi uMntwana uMagadavu abagawule amahlahla bawucime ngawo.