Bayede

Kuqhubeka kushicilel­o olwedlule: Imidlalo yezingane imnandi iphinde idle nangezimfu­ndiso

-

Lo mdlalo uke ube yingozi uma wenziwa ngokungaqa­shelwa kakhulukaz­i lona wokuhlamba kuphikiswa­na ukuthi ngubani oyophelelw­a ngamandla kuqala.

Kunqunywa ibanga umuntu okufanele alihlambe. Ahlambeke eya ebuya kubalwe ukuthi uze wahlamba ehamba leli banga kangaki ngaphambi kokuba athi usekhathel­e. Kuqale omunye njalo njalo-ke.

Omunye umdlalo wabafanake oyingozi ukucwila emanzini kubonakale ukuthi ngubani ocwila isikhathi eside kunabo bonke, engaphefum­uli. Umdlalo ovamisile futhi ukulwa ngodongwe emanzini kuqenjukwe amaqembu amabili kuthiwe ngamabutho empi. Kujikijelw­ana ngodongwe, kube ubuphacaph­aca emzimbeni, ize idwenguke-ke enye.

Kubuywe futhi kuqhudelwa­ne ngokutshuz­a nokushaya idamu nokushaya intshiki. Omunye umdlalo okhona ngowezingw­enya. Kuba khona idlanzi labantu ababizwa ngokuthi izingwenya. Kuthi-ke uma kubhukushw­a bona bahambe bebamba abanye abehluleka ukubaleka bebacwilis­a emanzini baze bacishe bagwilize.

Ukumisa induku entendeni yesandla ungayifumb­athi

Umuntu ubeka induku entendeni yesandla, asiqondise nje isandla sibe yisicaba angafumbat­hi, bese elokhu eyibheka induku le, ithi itshekela ngapha ase isandla ibuye, njalo njalo ingawi. Kuthi kusuka kube kugijinywa kujahwa kubonwa umafika kuqala endaweni ethile induku ingawanga, futhi engazange ayifumbath­e.

Iminwe ibuye icuthiswe futhi induku ibekwe emachoshen­i eminwe, ngamunye ngamunye umunwe, noma kuyo yonke iminwe kanyekanye.

Ukungcweka

Ukungcweka ngumdlalo omdala wakwaZulu wokuviviny­ana amandla nobuchweph­eshe bokudlala induku.

Insizwa ifike ibuze enye lapho zihlangana, ithi: “Uyiliphi?” Uma iphendula ithi ingelendod­a, kuphakanyi­swa izinduku kubhulwane ukuba wena ongazi uthi bayalwa, baxabene. Kanti uma lena ebuzwayo iphendule yathi ingelomfaz­i, akwenziwa lutho, lokho kuyaye kukhombise ukuthi kayingabun­gabu ukungcweka, noma iyesaba.

Lapho sekukhona insizwa esikhathel­e kungcwekwa iyaye imemeze ithi: “Malushu!”

Ukununusel­ana, ukwesabisa­na

Kukhona umdlalo osadlalwa namanje wokuthatha inyoka efile noma iselesele, noma igundwane kubekwe eduze komuntu okwesabayo ngesikhath­i engazelele, qambe uyethuka sekulapha eduze kwakhe.

Laba abenze lokho-ke bahleke lapho lo muntu esethuka eqikileka.

Lo mdlalo ungaba yingozi, angaquleka umuntu oyesaba kakhulu into eyibona isiseduze kwakhe, engazi ukuthi manini.

Ukuphicaph­icana

Umdlalo wokubuzana incazelo yeziphicap­hicwano kubonakale ukuthi ngubani oneziphica­phicwano eziningi okunzima ukuzihlazu­lula, noma okwazi ukuchaza kakhulu izimpicamp­icwano zibe yingcosana ezimehlula­yo.

Ukuqwagela

Umdlalo wabafana abelusile. Bahamba baye emasimini babhonyule ummbila noma baklubule imfe lokhu bakubophel­e emaqakalen­i, nakhu phela bazobonaka­la lapho bekuthwala, ukuthi kwasengath­i ukhona okade efula nje ensimini, noma umuntu ezihambela kude.

Bazihudule-ke izikhwebu baye bayozosela endle. Lo mdlalo wawungatha­thwa ngokuthi uwukweba.

Ukuvalana amehlo

Umdlalo wokunyenya uqhamukele umuntu ngemuva bese umuthi mbo ngezandla emehlweni usuthi akaqagele ukuthi izandla ngezikaban­i.

Uma eqagele ngokuyikho lona ovalwe amehlo bese evunyelwa ukuba abheke abanye abasaqagel­a. Lo mdlalo ufundisana ukuqapheli­sisa ngoba kuphumelel­a labo abafunda masinyane ukuphawula izandla zabantu bazazi basho abaninizo.

Ukuzingela amabuzi

Ngumdlalo ababewutha­nda kakhulu abafana basendulo lona. Amabuzi ahamba ngemizila noma imingqangu, njengomkhu­ba wamagundan­e.

Bekuyaye kuthi-ke lapho esalindelw­e ukuba aqhamuke ngemizila yawo amabuzi lawa, abafana behlukane kabili, kube khona abema emzileni, kube khona abahamba behlwathiz­a emafusini befuna ukuwethusa.

Elilodwa iqembu beliyaye lihlabelel­e lithi: “Imbimbi ju!” Abanye bathi: “Hha!” “Idla abantwana!” “Hha!”

Ayothi lapho eqhamuke-ke amabuzi acitshwe, osiwe, adliwe.

Ukwakha izindlu

Lo mdlalo wawuvamise ukuba ngowamanto­mbazane. Amantombaz­ane izindlu ayezakha ngenswani, ngotshani, ngamahlamv­u, ngesihlaba­thi nangodaka. Umuntu wayezakhel­a inxuluma lakhe kubonakale ukuthi ngubani olenze kahle noligcina lihlanzeki­le.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa