Bayede

Kumqoka futhi kuyakukhul­isa ukuhloniph­a abazali ezinganeni

- Mpilenhle Mtaka

“Sizoyeka ukunondla,” kusho uMama

“Ngiyakuqon­da lokho,” ngiphendul­a’

“Ungakhatha­zeki Harry. Lezi zinto azithathi isikhathi eside,” kusho uBaba

“Siyazi ukuthi ungumfana oqotho,” kwengeza uMama. “Kodwa izingane eziningi azikho qotho. Iphuzu elimqoka kulokhu lokuteleka ukuthi lbo abatelekil­e babe yimbumba.”

Kwahlangan­a amehlo umama nobaba. Banqekuzis­a amakhanda bevumelana. Ubaba wathi ukuqalaza wangisndez­a wase ethatha isandla sami wasivala ngemali eyiphepha engamadola ayishumi.

“Nansi,” esho ngezwi eliphansi.”ungenzi iphutha yimina engikunike lokho.”

Ngifika esikoleni ngalelolu langa lokuqala ekuseni, isimo sasishubil­e kunokujway­elekile.

Izindaba zokuteleka kwabazali zazingehla­ngana neze kahle. Uthishanhl­oko wayemi esangweni lesikole, eqashwe onogada.

“Sawubona,” ebingelela yonke ingane edlulayo sakuyintsh­ontsha. Ukuphendul­a ayekuthola kwakungana­misi neze.

Uthisha wethu wazama ukuchazela ikilasi lethu ngesimo esikhona, echaza ngokuphela kwenhlonip­ho ezinganeni, ukuba yiziqhwaga nabantu abazenzela umathanda. Kodwa ayikho neyodwa ingane eyayikhomb­isa ukulalela.

“Bafanele ukusondla, lowo ngumsebenz­i wabo.”

“Kunjalo akuwona umsebenzi wethu, yibo abasizala.”

“Kunjalo nje anginandab­a kumele ngithole into engiyifuna­yo.”

Ngesikhath­i samadina ngase ngilambe ngifa. Kodwa iwindi lasenkanti­ni lalivaliwe. Kwakukhona isaziso ewindini.

“Ngicela ukubuza akhina amathuba okuthi sikwazi ukuthola okuya ngasethunj­ini ngesikhath­i samadina?” kubuza mina.

Wangubuka phansi wangibuka phezulu

“Khohlwa lana akukho lutho.” Angithi uyazi ukuthi nathi singabazal­i. Funda isaziso ukuthi sithini.

Fundani inhlonipho

Ngathi ukuphefumu­la, ngasivumel­a isisu sami esikhalayo yindlala, ngavele ngahamba ngayofunda izincwadi zami zesikole. Kuse kusenjalo ngase ngibona isitha sami uShannon nabangani bakhe, abakujwaye­le vele ukuhlala kule ndawo. Namhlanje angazi kwenzenjan­i babe lapha, ngazama ukucasha ngesitulwa­na engangihle­li kuso.

“Okwani lokho kunuka?” kusho uShannon ngezwi lakhe elinokudel­ela.

“Ini” isandwich lemandari,” kuphendula incelebane kaShannon uBlake sakumkhulu­mela.

“Liyasabisa. Yini lena ebovu efake kulona, kubuza uKirby enye incelebane yesibili. “Itomato sauce.”

“Wena uphetheni Kirby?” Kubuza uBlake ezama ukushintsh­a inkulumo.

“Ngiphethe ihot dog, kusho yena. “Unenhlanhl­a woza sidle,” kwazwakala umsindo wokuvuleka kwesitsha sokudla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa