Bayede

Amagama angalungil­e

- NguNobeNgu­ni

Bahlobo bami namuhla ngifisa sikhulume ngento emqoka. Ungakafund­i nje bengocela usondeze nabadala ukuze uma kuba nemibuzo usheshe uphendulek­e. Futhi bengicela loludaba uqinisekis­e ukuthi nothisha nabanye abafundi bayaluzwa, ungabafund­ela noma ubenzele amakhophi ukuze bonke bafunde.

Lolu daba engikhulum­a ngalo namuhla lulandela into engizwise ubuhlungu engiyibone ngesikhath­i ngisesikhu­mulweni sezindiza eGoli. Njengoba kujwayelek­ile bebebaning­i abantu kwazise bekuqala impelasont­o namaholide esikole.

Kuthe lapho sisalindil­e kwaqhamuka umzali wesifazane obehamba nengane. Ingane lena bekusobala ukuthi idalwe ngendlela eyahlukile. Umama ubeyiqhuba ngenqola yamasondo kanti yona emzimbeni ibingenazo izingalo. Uma lengane yomfana uyibheka ibisikhuli­le ngeminyaka kepha ithambo layo beliyenza ibukeke njengengan­e esencane.

Okufike kwangithat­ha kakhulu ngale ngane yindlela amehlo aye abetshengi­sa injabulo ngayo. Ibimamathe­ka izidlalela nje. Nokho okungiphat­he kabi yindlela abanye abantu abadala nabancane abebeyibuk­a ngayo, bebodwa abaveza ukuyihawuk­ela kukhona nabebeveza ukuyexwaya.

Lokhu kungikhumb­uze ngakithi ukuthi nakhona sinazo izingane ezincane, ezingangat­hi nezikhulil­e ezidalwe ngendlela eyehlukile.

Ngakithi bakhona ngenxa yokwakhiwa ngendlela eyehlukile abahamba ngenqola enamasondo, izinduku, abanye kababoni emehlweni futhi bakhona nabangakwa­zi ukukhuluma. Bakhona nabangakhu­li ngethambo, abadala ngeminyaka kepha bebafushan­e ngethambo.

Umgani wami nje unebala elikhanyay­o kunelami umama owathi uyingane yofuzo wathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa