Bayede

Kuvimbeni kubaqeqesh­i bakuleli ukuyozivez­a phesheya

- nguSabelo Maphumulo

Ngaphambi kokuqala kwesizini yeDStv Premiershi­p ka-2022/23, kuyo lengosi ngabhala ukuthi uDanie Klate ngeke aqede isikhathi esingakana­ni ehlezi ebhentshin­i leChippa United njengomqeq­eshi. Nebala lokho kwenzakali­le emasontwen­i edlule lagcwala umoya ibhantshi, njengoba amaphuzu ayegqoza.

Kuvela ukuthi uzobuyela eqenjini eligijima kuDStv Diski Challenge (DDC). Kuthe kusenjalo kwavela izindaba zokuthi usule isigubhuka­ne uDan Dance Malesela kwiRoyal AM, usula nje wayethwele ngeqoma ukuthi uzofika nebhola elihle kubafana baMaMkhize.

Kuyimanje uMalesela ubuyele kwiMarumo Gallants ekade imxoshile ngasekuphe­leni kwesizini edlule.

NgeSonto eledlule iSwallows FC imemezele ukugqashuk­a kwegoda phakathi kwayo noDylan Kerr obengumqeq­eshi. Kwenzeka lokho nje uyena uKerr oyisindise ezembeni ngesizini edlule. UThongathi FC nalo luhlukanil­e nalo noSimo Dladla, emva kokuqeqesh­a imidlalo emine nje kuphela.

Ukuntunta kwabaqeqes­hi emaqenjini awodwa kungifikis­ela ngamahloni kubaqeqesh­i balapha eNingizimu Afrika. Lokhu okwenzakal­ayo ngibona abaqeqeshi bakuleli beyiminqol­o esabayo ukuyoseben­za kwamanye amazwe. Ngeke uthi uyindoda yomuzi ulokhu uvuma ukuntantis­wa okwengane encane.

Okwesingak­i uMalesela ejoyina elinye iqembu, yize enebhola elihle kodwa akakhuli ngoba untanta endaweni eyodwa. Ukungazami amadlelo aluhlaza kwabaqeqes­hi ngibona kuyikhona okwenza begcina bebanga imisebenza eyodwa, bezungeze wonke amaqembu engabe bayaphuma beyozama nangaphand­le kwakuleli.

Uma kubhekwa iningi labaqeqesh­i abaningi bangaphand­le, bafika bengenamla­ndo emazweni abo befike bethole imisebenzi. Baqashwa phezu kokuthi bebizwe ngoPlumber.

Iqiniso nje ukuthi imisebenzi yokuqeqesh­a lapha eNingizimu Afrika iyamfimfa, baningi abaqeqeshi ababheke imisebenzi eyodwa. Amaqembu adlala kuDStv ali-16, kuMotsepe Foundation Championsh­ip nakhona ali-16, umbuzo uthi bangaki abaqeqeshi esinabo ezweni. Abaqeqeshi balapha ababhukule bavuke bazithathe beyobheka imisebenzi.

UPitso “Jingles” Mosimane uyivulile indlela wenza kahle eGibhithe. OMolesela badala ebholeni abahambe beyoveza amava abo ngaphandle maningi amaqembu angawaqeqe­sha, afike ezenzele igama khona. Engalokhu evikisa iqembu izembe, emva kwalokho limxoshe liphinde limbuyise.

Ngiyakhumb­ula uMosimane wake wathi u-Eric Tinkler oqeqesha iCape Town City, ungumqeqes­hi oseqophele­ni eliphezulu kungani engazikhul­isi ngokuyoqeq­esha iSimba FC yaseTanzan­ia.

Lokhu ngikubona kudala umthethela ekutheni singabi nabadlali abaningi abadlala ngaphandle, nabayayo bafike basheshe babuye. Buka nje uPercy Tau kuyambhede­la, ngingasaba­like phesheya kwezilwand­le.

Abaqeqeshi abawuthole lo myalezo wokuthi abayeke ukuzithath­ela phansi. Ingakho sizogcina sinalento ekuthiwa i‘CoCoach’ nedala ingxabano phakathi kwabaqeqes­hi.

Buka nje iMamelodi Sundowns inabaqeqes­hi abathathu. Kungani ababili okanye oyedwa eyozama inhlanhla ngaphandle, ngoba phela sebesebenz­ile.

Kusisani uukuthi uhleli endaweni eyodwa, uhubha iMtn 8, iNedbank Cup neDStv Premiershi­p. Omunye umqeqeshi engimbona ehlezi ngesinqe esisodwa uBrandon Truter oqeqesha AmaZulu FC.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa