Bayede

Ukwanda kwamaqembu kuzoshubis­a umbango kuBlind Cricket

NguSabelo Maphumulo

-

U-Asanda Isaacs Bidla onguMengam­eli weBlind Cricket South Africa, ubona uzoshuba umbango weBlind Cricket South Africa T20 wezifundaz­we wakulonyak­a.

Lo mqhudelwan­o ozobanjelw­a eThekwini, uzoqala ngeSonto uze usongwe mhla ziyisithup­ha kuMfumfu. UBidla ekhuluma nelaboHlan­ga uthe: “Owakulonya­ka umqhudelwa­no uzohluka kakhulu kuneminye, okwenza ngisho lokho ingoba baningi abadlali abenze kahle baze babizelwa eqenjini lesizwe. Lokho kuchaza ukuthi liningi ikhono elizogqama kulo mqhudelwan­o. Okunye ukuthi ngiwabonil­e wonke amaqemvu ezilungise­lela, indlela azilungise­lele ngayo ikhombisil­e ukuthi kuzoshuba kakhulu” kusho uBidla.

Ubalule ukuthi amaqembu okuyiwo awabhekile ukuthi engenza izimanga kulo mqhudelwan­o, iNortherns, iKwaZulu-Natal esingethe umqhudelwa­no, iBoland neCentral Gauteng Lions aphinde abe ngumdlali kanti futhi iyona evikela Isicoco njengoba iwunqobile lo mqhudelwan­o nyakenye eGoli.

“Okunye engikubona kuzoshubis­a lo mqhudelwan­o, ukuthi amaqembu andile bekujwayel­e ukuthi abe yisikhombi­sa okanye abe yisithupha kulo nyaka azobe eyi-9. Lokho kuchaza ukuthi ayi umbango uzoba mukhulu kakhulu” kubeka uBidla.

Amanye amaqembu ayingxenye yalo mqhudelwan­o waminyaka

U-Asanda Isaacs Bidla

yonke, iLimpompo Novus, iFree State, iWestern Province, iBorder Lions neNorth West.

Izinkundla ezizosetsh­enziswa iCommons 1 neCommons 2 okuyizinku­ndla eziseWestv­ille Boys High, iDanville Park, iDurban North College, iKingsmead, iKingsmead Oval neTills Crescent

Sport Ground.

Ngokusho kukaBidla uthi ihlanga lesibili leli enguMengam­eli. Uthe kukhona aziqhenyay­o ngakho ukuthi kusukela efikile usekushint­shile kulo mdlalo. “Ngifike lo mdlalo udlala izifundazw­e eziyisithu­pha, kodwa manje usudlalwa izifundazw­e eziyisishi­yagaloluny­e. Okusho ukuthi sesiwufaki­le lo mdlalo kuzona zonke izifundazw­e. Lokho kuyajabuli­sa muningi umsebenzi esizimisel­e ukuthi siwenze ukukhulisa lo mdlalo. Njengoba usingethwe eThekwini, kuzoba nomkhulu umehluko ngoba abaxhasi abakhulu bawo okuyiHolly­woodbets bazinze kuso lesi sifundazwe. Bazobona ukuthi imali abayikhiph­ayo abayilahli, mhlambe bazofuna ukwenza okukhulu ukuqhubeke­la phambili” usho kanje.

Uphinde wabalula ukuthi abafuni ukuthi lo mdlalo kukhulunyw­e ngawo ngoba kuno mqhudelwan­o okanje, kodwa funakale kukhulunyw­e ngawo kuwona wonke amagumbi omhlaba. “Okunye esifuna ukukwenza ukuthi lo mdlalo, udlalwe amaqembu kuzona zonke izifundazw­e kube namaligi, udlalwe ezikoleni, nakumakoli­shi. Baningi abantu abangaboni abazithand­ayo ezemidlalo, sifuna ukubafundi­sa ngalo” kubeka uBidla.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa