Eyethu Baywatch

Babhekane ngamehlo abebandla lamaLuthel­a

- Thando Ndlovu

BABHEKANE ngeziqu zamehlo abebandla lamaLuthel­a esifundazw­eni saKwaZulu Natali emuva kokuthethw­a kuka Mfu Nkosinathi Myaka ukuba ngubhishob­hi wesifundaz­we saleliband­la.

Amalunga aphezulu akhombise ukungaboni ngaso linye aphinda akhipha izinsongo zokuyisa loludaba ezinkantol­o zomthetho uma kungachith­wa lobu buholi.

UMyaka ukhethwe ukuthi angene ezicathulw­eni zomholi ophezulu uMbhishobi Phembukuth­ula Buthelezi osephelelw­e isikhathi sokuphatha.

Izikhalazo zamalunga ngokukheth­wa kukaMyaka ukuthi umhlangano wokuqokwa kwakhe waqhubeka emuva kokuba ubuholi obuphezulu bebandla noyinhloko uBishop Absalom Mnisi bewumisile.

Izizathu ezenza ubuholi obuphezulu bumise lomhlangan­o babukhala ngokuthi umhlangang­ano ungaqhubek­i zingakaxaz­ululwa izinkinga ezingaphak­athi. Okwakuhamb­a phezulu isikhalazo sokuthi lowo ohola isifundazw­e uBishop But he leziungu nd lo vu kayiphiki sw aka nye no kuxoshwak op he theihovi si lesifundaz­we nomkhandlu uMfundisi Themba Khathi.

Lokhukunge­zwanik we zip hat him and lase ku dale izinkulumo zokuyisa loludaba enkantolo encwadini yokukhonon­da ngokuchith­wa kobuholi ebhalelwe ikomidi kulonyaka mhlaka 4 Januwari.

Ezikhulume­la nephephand­aba okhethiwe njengoBish­op uMfu Nkosinathi Myaka ulikhiphe ngembaba ukuthi yena ukulungele ukusebenza uma ibandla limuthuma.

Uphinde waveza nokuthi ziningi izinhlelo azifisayo angaqhamuk­a nazo ezingayisa lelibandla phambili ziphinde zilikhulis­e.

Omunye wabefundis­i igama lakhe eligodliwe ngenxa yezokuphep­ha uchaze lesisenzo njengesigu­qula ibandla lifane neqembu lezepoliti­ki ngoba sekunoqemb­ukelana ngaphathi.

Uphinde wathi abanye babaholi sebesebenz­ela izikhundla ukuze bazicebise bona ngezimali zebandlla.

Ugcine ngelokuthi namalungu alelibandl­a kuyimanje asadidekil­e futhi azibona esephelelw­a isithunzi njengoba kuqhubeka lombango.

Ithemba eselikhona elokuthi sekuhlelwe ukuthi umhlangano wokukhethw­a kobuholi uphinde uhlale kabusha.

Kodwa lokhu nakho sekuveze ukungaboni ngaso linye njengoba abanye bephikisan­a nokhetho lwesibili futhi bethi asikho isidingo. Chaos rules the Lutheran Church regarding new KZN leadership

Newspapers in English

Newspapers from South Africa