Eyethu Baywatch

Umnyango weMfzo e-King Cetshwayo usukulunge­le ukuvulwa kwesikole

- Thando Ndlovu

UMNYANGO wezeMfundo wesifunda sase-King Cetshwayo sithi konke kumi ngomumo njengoba isikhathi sokuviulwa kwezikole sekudondel­e.

‘Mhlaka 15 kwephezulu sibe nomhlangan­o nothishanh­loko kusukela ezikoleni zamabanga aphansi kuze kuyofika kwezamaban­ga aphezulu lapho besithula khona uhlelo olusha esinalo njengomnya­ngo esizokhuph­ula ngalo izinga lezemfundo kulonyaka,’ kusho ongumqondi­si walesi siyingi uMnu David Chonco.

‘Sizimisele ukuthi ukubhalisa kusheshe kuphele njengoba kuqale ngonyaka odlule ukuze kuthi esontweni lesibili izikole zivuliwe ukuze kuqale ukufunda,’

UChonco ukhinde wathi njengomyan­go bazogxila nasemabang­eni aphansi ngoba ilapho umsebenzi omningi uqala khona.

Uphinde wathinta nohlelo lwezinsiza zokufunda njengoba zonke izincwadi kuhlangene nezinye izidingo eziqhamuka emnyangwen­i seziseziko­leni.

Akalushiya­nga ngaphandle uhlelo lokudla waphinde wathi selusezand­leni zalabo abaluqhuba­yo nabo asebelinde­leke ukuthi baqale umsebenzi uma zivulwa izikole.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi akukabi nazinngqin­amba zothisha ezikoleni zesifunda kodwa uma ziqhamuka bazobhekan­a nazo ngokushesh­a.

UChonco uphinde wakhuluma ngezokuthu­ka abantwana waveza ukuthi kunohlelo olusha oluzothulw­a isifundazw­e lapho kuzonikezw­a izinkontil­eka ezintsha kwabaqhuba loluhlelo.

Unxuse abazali nazo zonke izinhlaka zomphakath­ini ukuthi zibe yingxenye yomnyango ukuze umsebenzi wabo ube yimpumelel­o ekupheleni konyaka.

UChonco uphindewab­onga kakhulu ukuzinikel­a kothisha ngonyaka odlule okuveze imiphumela emihle. Uthena nalulonyak­a umnyango uyafisa ukukhiqiza imiphumela emihle ekupheleni konyaka.

‘Sibonga uhlelo olwenziwe othishomkh­ulu lokuthi basheshe baqale ukufundisa abafundi bebanga leshumi.

Loluhlelo luzokwazi ukunika isikhathi esenele sokubuyeke­za umsebenzi’, kuqhuba uMnu Chonco.

District Education Department ready for the academic year

Newspapers in English

Newspapers from South Africa