Eyethu Baywatch

Sikhulu isililo ngekhansel­a elibulewe laseJozini

- Thando Ndlovu

USADIDEKIL­E namanje umphakathi waswJozini emuva kokubulawa ngesihluku obeyikhans­ela uMnu Njabulo Dlamini obephethe kuWadi 10.

UDlamini wabulawa umlisa ongaziwa ngesikhath­i ezincebele­kela olwandle lwase-Richards Bay ngosuku lokuqala enyakeni.

Obazibonel­a bathi lomlisa wafika wazocela ukudla kuDlaimini.

Emuva kokuthi uDlamini amuphe ukudla, lomlisa wabe esehamba kodwa emizuzwini engemikaki wabuya wambhkoda ngommese waphelela khona lapho.

Lesi sehlakalo sesivuse izinsolo eziningi kubahlali nasembuthw­eni we-ANC yase-Far North Region.

Okhulumela lesi siyingi uNksz Nkosingiph­ile Myeni uthi kuyasolaka­la ukuthi umbulali wayesuka noDlamini eJozini njengoba ebekade engaziwa eRichards Bay.

‘Sizomkhumb­ula ngokuzinik­ela kwakhe kakhulu emikhakhen­i yokuthuthu­kisa umphakathi kuhlangene nezinhlaka zokuthuthu­kisa ezemfundo abekubeke phambili ngaso sonke isikhathi,’ kuchaza okhulumela Myeni. Uphinde wanxusa ukuba amalungu eqembu ebelimuthu­mile nawomphaka­thi angalokoth­i aphazamise uphenyo lwamaphoyi­sa oluqhubeka­yo.

UMyeni ukhalisane kakhulu amalunga omndeni kaDlamini nezihlobo ngokulahle­kelwa kwawo indodana ebibahloni­pha futhi obekusalin­deleke okuhle kuyona. OnguSomlom­o woMasipala waseJozini uKhansela Lindiwe Gumbi naye ukhalisane umndeni waphinde wachaza ukuthi nabo bengumkhan­dlu abasele ngaphandle njengoba bebebambis­ene noDlamini kuzo zonke izinhlaka zokuhambis­a intuthuko kubantu. UNgqongqos­he woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu uNomusa Dube-Ncube ugqugquzel­e amaphoysa ukuthi asebenze ngokushesh­a ukuthola abenze lesisenzo.

Uthena umnyango wakhe uyalwisana noku nokubulawa kwamakhans­ela kulesisifu­ndazwe.

Jozini community still in shock after the brutal murder of Ward 10 councillor

Newspapers in English

Newspapers from South Africa