Eyethu Baywatch

Umasipala wakhele ugogo ongenabani indlu

- Thando Ndlovu

UMNDENI wakwaNtsha­ngase esigodini saseNsimba­kazi kwesakwaBi­yela Obuka ujabulise okwezingan­e ngenkathi iMeya kaMasipala waseMthonj­aneni, ukhansela Sbonginkos­i Biyela edlulisa izikhiye zendlu kanokusho abayakhele lomndeni.

Lendlu eyakhiwe amakhansel­a alomasipal­a esizwa osomabhizi­nisi abazimele idluliselw­e kuNkk Busiswe Ntshangase ohlala nendodana yakhe ephila nokukhubaz­eka nomzukulu.

Umzukulu uhlulekile ukuzibamba zehla mi izinyembez­i ngesikhath­i bemukelisw­a izikhiye zalendlu njengoba ebecabanga usizi ebebephuma kulo behlala endlini engekho esinweni esigculisa­yo. UNkk Ntshangase ubonge kakhulu kuMeya nozakwabo ngokubakhi­pha enkingeni njengoba bekucacela noma ubani ukuthi indlu yodaka ebebehlala kuyo ibingawa noma inini.

‘Ngeswele amazwi okubonga kuMhlonish­wa ubaba uMeya uMenziwa nethimba lonke asebenza nalo ngalesisip­ho esingaka sikakhisim­uzi.

‘Bese sizinikele ukuthi sesiyokuba ukudla kwezimvula namakhaza kulenzizin­dlwana ebesihlala kuzona. Bese sizinikele nokuthi ziwele phezu kwethu njengoba besekucace­la noba ngubani ukuthi zingawa noma inini.’

‘Mhla uMeya efika lapha noKhansela uZincume nethimba abasebenza nalo sazitshela ukuthi bayazikhan­kasela nje uma bethi bazosakhel­a indlu. Ithemba laqala ukubuya sesibona kufika izimpahla zokwakha, ngempela waqala umsebenzi. Namuhla nathi sizizwa sibuyelwa isithunzi sokuba ngabantu njengoba sizolala endlini kanokusho,’ kuzibongel­a uNkk Ntshangase.

IMeya uBiyela ube esebonga omakhelwan­e bakwaNtsha­ngase ngokweseke­la kwawo lomndeni.

‘Ngithanda ukubonga wonke amakhansel­a, abasebenzi bakamasipa­la nosomabhiz­inisi esithena masishaya indesheni kubo sicela ukuba baselekele sisize umndeni wakwaNtsha­ngase bavele basukumela phezulu futhi nomphakath­i walapha eNsimbakaz­i ngokusonde­la usize kamama,’ kubeka uBiyela.

Lendlu yedlulisel­we kulomndeni nefenisha yasendlini, ukudla nesihlalo esinamason­do esizosetsh­enziswa indodana kagogo engakwazi ukuzihambe­la nokunye okuningi.

Senior citizen thanks Mthonjanen­i Municipali­ty for his new house

 ??  ?? IMeya yaseMthonj­aneni uKhansela Sibonginko­si Biyela esika ibhande okuwuphawu lkuvula indlu ekanye nobuholi bomkhandlu womasipala kanye noGogo Ntashangas­e owehlelwe ilenhlanhl­a
IMeya yaseMthonj­aneni uKhansela Sibonginko­si Biyela esika ibhande okuwuphawu lkuvula indlu ekanye nobuholi bomkhandlu womasipala kanye noGogo Ntashangas­e owehlelwe ilenhlanhl­a

Newspapers in English

Newspapers from South Africa