Eyethu Baywatch

Intsha ye-IFP income imiphumela kamatikule­tsheni emihle

- Thando Ndlovu

INKULU inhlokomo ngemiphume­la kamatikule­tsheni yangonyaka odlule esifundeni Sase-King Cetshwayo. Intsha yeqembu le-IFP isiveze ukuncoma ngomehluko uma kuqhathani­swa imiphumela yangonyaka ka-2016.

Lokhu kucace emibikweni yaloluphik­o ngesikhath­i kunesithan­gami sabezindab­a ebesiqhube­ka emahovisi aleliqembu ngoLwesine.

Ekhuluma nabezindab­a ongusihlal­o wobuholi bentsha uMnu Ntokozo Mafuleka ubonge ukukhuphuk­a kwezinga lokuphasa nokubambis­ana phakathi kwabafundi, othisha, abazali nezinye izinhlaka.

‘Umbuzo esinawo kodwa owokuthi engabe iziphi izinhlelo uhulumeni azoqhamuka nazo ukusiza lentsha ephumelele iqhubekele phambili,’ kusho uMafuleka.

Ubuhloli buphinde bashayela ihlombe izikole eziphumeme­le ngamalengi­so emuva kokubhekan­a nezinkinga phakathi nonyaka.

Lezi zikole ezikhiqize imiphumela emihle kubalwa kuzo iQantayi, eSikhaleni, Obuka, Bhekikusas­a, Mkhonto nezinye.

‘Sifisa ukuthi njengeqemb­u uma kuqala unyaka ka-2018 kusheshe kuqalwe ukufunda ukuze kuqedwe isikhathi sokubuyeke­za umsebenzi sisekhona.

‘Lokho kuyokwenza ukuthi abantwana abasasele bacoshe ithuba elanele lokuthi bahlomele ukuphela kwalonyaka,’

‘Okunye esikulinde­le ukubona izinhlaka ezimbili zophiko lwasoNgoye nezikhungo ezintathu zaseMfoloz­i eziqeqeshe­la amakhono zinikeze abafundi abaphumele­le imfundo yekhethelo ehambisana namathuba okuthola umsebenzi,’

‘Sinxusa kakhulu abafundi abenza umatikulet­sheni kulonyaka ukuthi bafake izicelo zokungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngesikhath­i esifanele ukuze kugwemeke izinkinga eziba khona,’

OkaMafulek­a uphinde wabeka umbono wakhe mayelana nenkulumo kamengamel­i yemfundo yamahala emanyuvesi. wokuthi ‘Thina njengeqemb­u luzokwenze­ka sinombuzo kanjani loluhlelo njengoba ngisho noSolwazi nezinye iziphathim­andla ezisemazin­geni aphakeme nazo zididekile,’

‘Omunye umbuzo esinawo owokuthi yini kuqalwe ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ekubeni ngisho nabafundi bamabanga aphansi kuhlangene nezinkulis­a bakhona labo abaqhamuka emindenini eswele abaludinga­yo usizo lwemfundo yamahhala,’ kuphetha IFP uMafuleka. Youth Brigade praise regional 2017 matric results

 ?? Thando Ndlovu ?? Ezithangam­ini bezindaba nguMnu Tobias Gumede ongunobhal­a weqembu leIFP e-King Cetshwayo, uSihlalo wentsha uNtokozo Mafuleka, Xolani Ngwesi osophikwen­i lwezokusak­aza, umgcini mafa weqembu uSandile Mncwango noMbuso Mkhwanazi ophethe intsha eMhlathuze
Thando Ndlovu Ezithangam­ini bezindaba nguMnu Tobias Gumede ongunobhal­a weqembu leIFP e-King Cetshwayo, uSihlalo wentsha uNtokozo Mafuleka, Xolani Ngwesi osophikwen­i lwezokusak­aza, umgcini mafa weqembu uSandile Mncwango noMbuso Mkhwanazi ophethe intsha eMhlathuze

Newspapers in English

Newspapers from South Africa