I-Richards Bay FC iyaqhubeka nokunqoba
NOMA behlulwe ukushaya amapenathi kuzo zombili izihlandla, i-Richards Bay FC ikwazile ukunqoba iqembu lase-Stellenbosch ngamabili kwelilodwa eMhlathuze Stadium ngoMgqibelo.
Abafana base-Bay kusale kancane babhincelwe nganhlanye emuva kokushweba amathuba amaningi, kodwa unozinti wabo uXolani Ngcobo wasebenze ngokuzikhanya ukuvimba abahlaseli.
Noma isigamu sokuqala kungabonakalanga amagoli kodwa izivakashi ziqale umdlalo ngegiya eliphezulu kodwa abase-Richards Bay nabo bebengazithelile ngamanzi.
Abafana base-Bay bekulindeleke ukuthi bahambe phambili ngomzuzu weshumi nesihlanu ngesikhathi bethola iphenathi emuva kokuthi uMichael Roelf ethinte ibhola ngesandla, kodwa unozinti wase- Stellenbosch u-LeeRaoul Langeveldt ukwazile uyivimba.
Umlenze wesibili uqale ngenhlokomo phakathi kukaStanley Muishond, Sphelele Mkhulise noMichael Roelf okunike u-Michael Gumede ithuba lokulifaka enethini. UGumede obekade ekhona emlenzeni wokuqala ulithele enethini sebenzisa ithuba lakhe kokuqala emdlalweni.
Emuva kwegoli lokuqala u-Roelf naye ulifake enethni kwahlokoma izihlwele abafana base-Bay sebehamba phambili ngamabili eqandeni.
Abafana baseKapa basebenzise ithuba kwatatazela unozinti uMkhulisi ngesikhathi befaka enethini igoli labo lokuqala emdlalweni. Umdlalo uphele kuhamba phambi abafana base-Richards Bay ngamagoli amabili kanti abeStellenbosch bahamba lelilodwa.