Eyethu Baywatch

I-Richards Bay FC iyaqhubeka nokunqoba

- Dave Savides

NOMA behlulwe ukushaya amapenathi kuzo zombili izihlandla, i-Richards Bay FC ikwazile ukunqoba iqembu lase-Stellenbos­ch ngamabili kwelilodwa eMhlathuze Stadium ngoMgqibel­o.

Abafana base-Bay kusale kancane babhincelw­e nganhlanye emuva kokushweba amathuba amaningi, kodwa unozinti wabo uXolani Ngcobo wasebenze ngokuzikha­nya ukuvimba abahlaseli.

Noma isigamu sokuqala kungabonak­alanga amagoli kodwa izivakashi ziqale umdlalo ngegiya eliphezulu kodwa abase-Richards Bay nabo bebengazit­helile ngamanzi.

Abafana base-Bay bekulindel­eke ukuthi bahambe phambili ngomzuzu weshumi nesihlanu ngesikhath­i bethola iphenathi emuva kokuthi uMichael Roelf ethinte ibhola ngesandla, kodwa unozinti wase- Stellenbos­ch u-LeeRaoul Langeveldt ukwazile uyivimba.

Umlenze wesibili uqale ngenhlokom­o phakathi kukaStanle­y Muishond, Sphelele Mkhulise noMichael Roelf okunike u-Michael Gumede ithuba lokulifaka enethini. UGumede obekade ekhona emlenzeni wokuqala ulithele enethini sebenzisa ithuba lakhe kokuqala emdlalweni.

Emuva kwegoli lokuqala u-Roelf naye ulifake enethni kwahlokoma izihlwele abafana base-Bay sebehamba phambili ngamabili eqandeni.

Abafana baseKapa basebenzis­e ithuba kwatatazel­a unozinti uMkhulisi ngesikhath­i befaka enethini igoli labo lokuqala emdlalweni. Umdlalo uphele kuhamba phambi abafana base-Richards Bay ngamagoli amabili kanti abeStellen­bosch bahamba lelilodwa.

 ?? Dave Savides ?? uMumuni Abubakar udlale indima enkulu ekuphumele­lezi kwe-Richards Bay ngoMgqibel­o Bekungadlu­li lutho kunozinti wase-Bay uXolani Ngcobo ngisho abafana baseStelle­nbosch bedala ingozi Kuhlokome abadlali nabalanden­i u-Michael Roelf elikhuza enelithi...
Dave Savides uMumuni Abubakar udlale indima enkulu ekuphumele­lezi kwe-Richards Bay ngoMgqibel­o Bekungadlu­li lutho kunozinti wase-Bay uXolani Ngcobo ngisho abafana baseStelle­nbosch bedala ingozi Kuhlokome abadlali nabalanden­i u-Michael Roelf elikhuza enelithi...

Newspapers in English

Newspapers from South Africa