Eyethu Baywatch

Bakhala ngomgwaqo eMabhuyeni omubi

- Thando Ndlovu

IZAKHAMUZI zaseMabhuy­eni azeneme ngesimo somgwaqo u-P494, oxhumanisa iNseleni nendawo yakwaMthet­hwa.

Lomgwaqo bawuchaza njengosuph­elile, ngenxa yokunganak­wa ilabo okufanele bawulungis­e.Esinye sezakhamuz­i zakulendaw­o uMnuz. Ndaba Biyela ukhale kakhulu ngokuhluku­mezeka kwezingane zesikole nomphakath­i wonkana, osebenzisa lomgwaqo.

Lomgwaqo usetshenzi­swa ngabantu abaya emisebenzi­ni, njengoba uhlanganis­a amadolobha nezimboni kanye nendawo yasesabelw­eni kwaMthethw­a.

‘Uma izulu linile akuhambeki ngenxa yodaka, nokwenza amabhasi angakwazi ukusebenzi­sa lomgwaqo, bese kuthi abasebenzi nabantwana kanye nomphakath­i wonkana usale dengwane ungasenazo izinto zokuhamba.

‘Enye inkinga uma izulu libalele, ziningi izintuli kulomgwaqo osuke usuwoniwe izimvula, okhalisa abezimoto ngoba abayilethi imishini elungisa imigwaqo, iphinde igqibe nemigodi.’

Okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi njengoba babhekene nalenkinga kunezinkam­pani ezimbili ezikulenda­wo, ezingabasi­za kulenkinga.

Kukhona inkampani emba inkwali, esetshenzi­swa kakhulu ekwakhiwen­i kwemigwaqo kanye nenye epheka itiyela, engabe ziyabasiza kodwa azibenzeli lutho bazithola behlupheka zikhona. Ethintwa uMnuz. Dumisani Buthelezi ongumphath­i wenkampani emba inkwali kulendawo, iBhejane Quarry uthe okwabo ukumba inkwali bayihambis­e lapho idingeka khona.

‘Sibuye sisize nalapho kunezinkin­ga khona emphakathi­ni, ngakho asithintan­i nokwakhiwa kwemigwaqo.’

Elinye lamakhanse­la akulendawo uNksz. Thama Khumalo uthe, okwabo njengomasi­pala waseMfoloz­i ukulungisa imigwaqo engenelela emakhaya.

‘Lena emikhulu ingekahulu­meni. Uma sisiza, sisuke sicabangel­a umphakathi.’

Lezi zakhamizi zisikaze ngokuthi bazomisa yonke into, kuze kube kulalelwa izidingo zabo zomgwaqo. Mabhuyeni community demand new road

Newspapers in English

Newspapers from South Africa