Bakhala ngomgwaqo eMabhuyeni omubi
IZAKHAMUZI zaseMabhuyeni azeneme ngesimo somgwaqo u-P494, oxhumanisa iNseleni nendawo yakwaMthethwa.
Lomgwaqo bawuchaza njengosuphelile, ngenxa yokunganakwa ilabo okufanele bawulungise.Esinye sezakhamuzi zakulendawo uMnuz. Ndaba Biyela ukhale kakhulu ngokuhlukumezeka kwezingane zesikole nomphakathi wonkana, osebenzisa lomgwaqo.
Lomgwaqo usetshenziswa ngabantu abaya emisebenzini, njengoba uhlanganisa amadolobha nezimboni kanye nendawo yasesabelweni kwaMthethwa.
‘Uma izulu linile akuhambeki ngenxa yodaka, nokwenza amabhasi angakwazi ukusebenzisa lomgwaqo, bese kuthi abasebenzi nabantwana kanye nomphakathi wonkana usale dengwane ungasenazo izinto zokuhamba.
‘Enye inkinga uma izulu libalele, ziningi izintuli kulomgwaqo osuke usuwoniwe izimvula, okhalisa abezimoto ngoba abayilethi imishini elungisa imigwaqo, iphinde igqibe nemigodi.’
Okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi njengoba babhekene nalenkinga kunezinkampani ezimbili ezikulendawo, ezingabasiza kulenkinga.
Kukhona inkampani emba inkwali, esetshenziswa kakhulu ekwakhiweni kwemigwaqo kanye nenye epheka itiyela, engabe ziyabasiza kodwa azibenzeli lutho bazithola behlupheka zikhona. Ethintwa uMnuz. Dumisani Buthelezi ongumphathi wenkampani emba inkwali kulendawo, iBhejane Quarry uthe okwabo ukumba inkwali bayihambise lapho idingeka khona.
‘Sibuye sisize nalapho kunezinkinga khona emphakathini, ngakho asithintani nokwakhiwa kwemigwaqo.’
Elinye lamakhansela akulendawo uNksz. Thama Khumalo uthe, okwabo njengomasipala waseMfolozi ukulungisa imigwaqo engenelela emakhaya.
‘Lena emikhulu ingekahulumeni. Uma sisiza, sisuke sicabangela umphakathi.’
Lezi zakhamizi zisikaze ngokuthi bazomisa yonke into, kuze kube kulalelwa izidingo zabo zomgwaqo. Mabhuyeni community demand new road