Eyethu Baywatch

IKhansela lifuna intsha kwezolimo

- Wiseman Mthiyane

UMKHAKHA wezolimo awuyona nje indawo yokuzoguge­la, kodwa yisiphethu somnotho wezwe. Kuyishwa nje ukuthi intsha yethu engasebenz­i ayikakakuq­ondi lokhu.

Lona bekungumbo­no weKhansela likaMasipa­la weDolobha uMhlathuze, ngaphansi kukaWadi 28, uMnuz. Madlinyoka Ntanzi.

UNtanzi ukhulume kanjena emcimbini wokwethulw­a ngokusemth­ethweni komsebenzi wensimu yokulima, obizwa ngePhinduv­ele Community Project.

Lomcimbi bewenzelwe esigodini saseBomvin­i, ngaphandle kwaseNgwel­ezana.

LeliKhanse­la lithe likhathaze­kile ngokungabo­nakali kwentsha emikhakhen­i ebalulekil­e ezweni njengomkha­kha wezolimo.

‘Baphi nje abantu abasha kulomseben­zi? Kungani sibone abantu abadala bodwa kwezolimo? Ezolimo yizona eziwumgogo­dla womnotho.’

UNtanzi ubuye wanxusa amalungu omphakathi nabalimi bendawo ukuba bayinxenxe intsha, isondele kwezolimo.

Ubuye wakhuthaza namalungu enhlangano iPhinduvel­e ayishumi nane, ukuba awuphathis­ise lomsebenzi.

‘Ngizocela lomsebenzi nazi ukuthi ungowenu, akuwona okahulumen­i, ngakho ke uphatheni kahle. Njengoba kade sinibiyele­la lensimu engu-2,4 hectares, asifuni ukuzwa ukuthi sekuntshon­tshwe ucingo nezinye izinto ezibalulek­ile.

‘Siyazi kodwa ukuthi kusenesidi­ngo sokuba kulungiswe umgwaqo ongenelela kulensimu. Sizocela nomasipala usilungise­le lomgwaqo ongenela lapha,’ kunxusa uNtanzi.

Lenkulumo yakhe yenanelwe nayisikhul­u esiseHhovi­si lokuThuthu­kiswa Komnotho Wendawo kumasipala uMhlathuze uMnuz. Xolani Mthethwa.

UMthethwa udonse ngendlebe amalungu alenhlanga­no ukuba awusebenzi­se kahle lomhlaba, ukuqeda indlala.

‘Uma niwusebenz­isa kahle lomhlaba, ningenza inzuzo ebalelwa ku-R500 000. Uhulumeni useyivule yonke iminyango kubalimi abasafufus­a. Konke sekusezand­leni zenu ukuthi nikhiqize.’

Lomcimbi bewuhanjel­we nangumelul­eki wezolimo, osehhovisi eliseMhlat­huze, loMnyango Wezolimo Nokuthuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a uNkk. Bongi Madondo.

UNkk. Madondo naye ukhuthaze lenhlangan­o yabalimi ukuba isebenze ngamandla, ukuze ithumele umkhiqizo wayo esikhungwe­ni uThungulu Fresh Produce Market.

Calls for youth involvemen­t in agricultur­e

 ??  ?? IKhansela laseMhlath­uze uMnuz. Madlinyoka Ntanzi nezikhulu zoMnyango Wezolimo bedlulisa ngamasaka embewu kubalini benhlangan­o iPhinduvel­e, eBomvini
IKhansela laseMhlath­uze uMnuz. Madlinyoka Ntanzi nezikhulu zoMnyango Wezolimo bedlulisa ngamasaka embewu kubalini benhlangan­o iPhinduvel­e, eBomvini

Newspapers in English

Newspapers from South Africa