Eyethu Baywatch

Umbika kanjani umuntu onyamalele emaphoyise­ni?

- Laurie Smith

YIZE eminyakeni eyedlule, kwakulindw­a kufakwe isicelo sokunyamal­ala komuntu kuqala, ngaphambi kokuba lowomuntu athathwe njengonyam­alele, ngokwewebs­ite yasemaphoy­iseni esemthethw­eni, umuntu noma abantu abanyamale­le kumele babikwe ngokuphazi­ma kweso esiteshini samaphoyis­a esiseduzan­e.

Iphephanda­ba i-Eyethu Bay Watch lihlala njalo lithintwa yizihlobo zabantu abanyamale­lem, zicela ukuba basabalali­se izithombe zalabo bantu abanyamale­le nezingane.

Esikhathin­i esiningi, izicelo ezinjengal­ezi zifika sekudlule usuku, izinsuku noma izinyanga kade banyamalal­a labo bantu, lokho okugcina kungatheli zithelo.

Ulwazi

Ukulekelel­a amaphoyisa ngophenyo, kumele uwahlinzek­e ngalokhu okulandela­yo:

• Isithombe esingesida­sla kakhulu salowomunt­u onyamalele uma kunokwenze­ka.

• Hlinzeka ngolwazi lomuntu onyamalele, nokuthi wagcina ukubonwa ekuphi, egqokeni kanye nalo lonke ulwazi olungasiza umphenyi wecala.

• Uzocelwa ukuba ugcwalise uphinde ulisayinde ifomu elibizwa ngeSAPS 55(A) form. Lelifomu livikela amaphoyisa ekuthole imibiko engombomba­yi futhi ligunyaze amaphoyisa ukusabalal­isa izithombe neminining­wane yalowomunt­u onyamalele.

• Kumele uthole izinombolo zokuxhuman­a nomphenti wecala bese uthumela lonke ulwazi ongaba nalo kuyena.

• Uma etholakala lomuntu obenyamale­le noma ezibuyela yena, kumele wazise amaphoyisa ngokuphazi­ma kweso. Kumele ke kugcwalisw­e ifomu elibizwa nge- SAPS 92 form, bese kwaziswa ihhovisi lokuNyamal­ala Kwabantu ukuthi imininingw­ane yokunyamal­ala kwalowo muntu isingasusw­a ohlelweni lokusebenz­a.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa