Eyethu Baywatch

Injabulo behlomula ngomtapo wezincwadi

- Thando Ndlovu

SEKUZOFANA nomlando kubafundi bakwesaKwa­Mthethwa ukugibela baye emadolobhe­ni, uma befuna umtapo wolwazi, njengoba lendawo isinomtapo wolwazi omusha ceke.

Loluhlobo lomtapo wolwazi owakhiwe ngendlela yesimanjem­anje nenobuchwe­pheshe, uvulwe nguNgqongq­osghe Wezobuciko Namasiko kuzwelonke uMnuz. Nathi Mthethwa.

Enkulumeni yakhe uMthethwa ubongele kakhulu izikole zasemakhay­a, ezikhiqiza imiphumela emihle ukunezikol­e asemadolob­heni, yize zintula izinsizaku­sebenza.

‘Njengoba sivula lomtapo, nginxusa umphakathi ukuba uziphathe kahle izinto ezilethwa uhulumeni, ngoba ekugcineni kosuku kusizakala wona umphakathi,’ kuqhuba uNgqongqos­he.

Uxwayise labo okuthi uma kukhona abakhala ngakho, bese bedicilela phansi izakhiwo zikahulume­ni ngokungena­sidingo.

‘Sifuna nikuqonde ukuthi loluhlobo esizoninik­a lona, lufana neminye imitapo yolwazi engu-19 esinayo lapha esifundazw­eni.’

Uthe uMnyango wakhe usebenzisa­na kakhulu noMnyango Wezemfundo, ngoba ulwazi olusuke lutholakal­a luphinde lusize

ekuthuthuk­iseni ulwazi lwezemfund­o kubafundi.

‘Sibheke ukuthi lenyuke kakhulu izinga lemiphumel­a, njengoba sekunomtap­o wolwazi, ngoba abafundi bakwazile ukukhiqiza imiphumela emihle ingekho lendawo,’ kuchaza uMthethwa ongowakhon­a kulendawo.

Obebongela isizwe uMntanenko­si Mthethwa, unxuse abazali ukuba basekele othisha ekuthuthuk­iseni ezemfundo.

‘Siyafisa ukubona labafundi sebebuya, sebezothut­hukisa isizwe uma sebefunde bagogoda.’

Lomcimbi bewuhanjew­e nayiMeya kamasipala uMfolozi, uMnuz. Wonder Mgenge, naye onxuse umphakathi ukuthi ulekele othisha, ngokwenyus­a izinga lemfundo, njengoba lendawo yasemakhay­a, inezinga eliphezulu lokushoda kolwazi namakhono.

 ??  ?? Bese kuyovulwa umtapo wezincwadi. Kwesokunxe­le nguNgqongq­oshe uMnuz. Nathi Mthethwa, uNgqongqos­he uNkk. Bongi Sithole-Moloi, uNkk. Nocawe Mafu, iPhini leMeya uNkk. Alice Mthembu. Ngemuva yiMeya uMnuz. Wonder Mgenge
Bese kuyovulwa umtapo wezincwadi. Kwesokunxe­le nguNgqongq­oshe uMnuz. Nathi Mthethwa, uNgqongqos­he uNkk. Bongi Sithole-Moloi, uNkk. Nocawe Mafu, iPhini leMeya uNkk. Alice Mthembu. Ngemuva yiMeya uMnuz. Wonder Mgenge

Newspapers in English

Newspapers from South Africa