Alisekwe ikhwelo laleliKhansela
KUYAKHUTHAZA ukuzwa abaholi bomphakathi beyikhuluma lendaba yokungabonakali kwentsha kwezolimo. Inkulumo eyenziwe yiKhansela likamasipala weDolobha uMhlathuze, uMnuz. Madlinyoka Ntanzi, ikubeka ngokusobala ukuthi nohulumeni uyakhathazeka ngokungabonakali kwentsha kwezolimo, yize ikhala ngokungasebenzi.
Ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwensimu yaseBomvini, uNtanzi ubuzile ukuthi baphi abantu abasha kulomsebenzi owenziwa lapha, esho ngoba ebona abantu asebekhulile.
Bekungaqali ke futhi ukuthi kubonakele abantu asebekhulile emsebenzini wezolimo, futhi intsha inayo lenkolelo yokuthi ezolimo ngumsebenzi wabantu asebekhulile.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi isizinda somnotho wakuleli silele emkhakheni wezolimo. Loluhlelo lomsebenzi obelethulwa iPhinduvele Community Project luzokwazi ukuxosha ikati eziko emizini eminingi, uma nje bezowusebenzisa ngemfanelo lomhlaba ongu-2,5 hectares abawutholile.
Kuwo wonke amalungu alenhlangano iPhinduvele, akekho nje umuntu osemusha, yakhiwe ngabantu abadala bodwa. Ayiphumele obala intsha, ingene ithi shi emkhakheni wezolimo, iyeke ukuwubukela phansi lomkhakha.
Akulona iqiniso ukuthi ezolimo ngeke zikwazi ukushintsha impilo yomuntu omusha. Intsha yethu ayiyeke manje ukugijimela lemisebenzi yothayi nasemahhovisi, umcebo ube ulele emhlabathini.
Njengoba uhulumeni efuna ukubuyisa umhlaba kubantu nje, uzokwenziwani lowomhlaba uma abantu bebalekela umkhakha wezolimo?
Esinye isikhulu sikaMasipala weDolobha uMhlathuze, uMnuz. Xolani Mthethwa sicashunwe sithi, lomhlaba okulensimu yaseBomvini, ungakwazi ukwenza inzuzo engango-R500 000 uma abalimi bezosebenza ngokuzimisela.
Asibhukuleni bantu abasha, sifingqe imikhono, siyolima.
(Calls for youth involvement in agriculture must be supported)