Eyethu Baywatch

Kuthuthuki­swe ezikaqedis­izungu eMandlanzi­ni

- Thando Ndlovu

SEKUNGUMLA­NDO entsheni yaseMandla­nzini ukuthi izithole iphuma kulendawo iye kwezinye ezingomakh­elwane ukuze ithole indawo yobumnandi, njengoba bebengenay­o indawo yezikaqedi­sizungu.

Lendawo eyaziwa ngeleGawoz­i lifestyle inezinto eziningi, eziphinde zasiza umphakathi wakulendaw­o, nebezikude njengendaw­o yokuwasha izimoto, nendawo yokugunda nalapho kunendawo yokuphumul­a bezitholel­e nendawo yokosa inyama, nokuyizint­o umphakathi wakulendaw­o obuyibona komakhelwa­ne.

Ongumnikaz­i wakulendaw­o uMnuz. Mandla Mpungose nobuye abe yisakhamuz­i kulendawo, uchaze iphupho lakhe analo lokuthi athuthukis­e lendawo, ngokuthi kuvuleke amathuba emisebenzi entsheni iphinde futhi iqoqeke, ibe ndawonye ikakhulu ngezimpela­sonto, izijabulis­ele ngasemakha­ya.

Uthe okumenza abize osaziwayo asebedumil­e emkhakheni wezikaqedi­sizungu, yingoba ufisa ukuthuthuk­isa intsha ngamakhono kwizinto ezifana nezinkondl­o, umculo nokunye.

Unxuse abazoseben­zisa lendawo ukuba bayihlonip­he, lokho okuzokwenz­a baqhubeke nezinhlelo zokwenza lendawo igcine isikhiqize osaziwayo bakusasa.

Omunye wabebehamb­ele kulendawo uNkosikhon­a Mthiyane uthe, into ebibanika inkinga kwezikaqed­isizungu, ukuba kude kwezindawo lapho behlangana khona.

‘Siyayiding­a indawo ezosenza sikwazi ukuveza amakhono ethu njengentsh­a yendawo sindawonye, siphinde sishiyelan­a inkundla nabanye ozakwethu.

OyiKhansel­a lalendawo uMnuz. Praisegod Zondo ubabongile abantu abanjengoM­nuz. Mpungose, abanezinhl­oso zokuthi kuthuthuki­swe indawo ngayo yonke indlela.

Promoting entertainm­ent in Mandlazini

 ??  ?? Kusukela kwesobunxe­le Mandla Mpungose,Mandisa Mpungose,LungI Ngwenya kanye noMxolisi Ngwenya abasebenza kuledawo
Kusukela kwesobunxe­le Mandla Mpungose,Mandisa Mpungose,LungI Ngwenya kanye noMxolisi Ngwenya abasebenza kuledawo

Newspapers in English

Newspapers from South Africa