Eyethu Baywatch

Babonge izinga lemiphumel­a eMningi

- Thando Ndlovu

KUBONGWE impumelelo yesikole samabanga aphezulu saseNtamba­nana, iMningi High School, ngokunyusa amasokisi kumatikule­tsheni, njengoba lesisikole sibalwa nezinye ezisebenze kahle esifundeni i-King Cetshwayo.

Okufike kwacaca ukuthi nakuba bengenazo izinto ezanele zokufunda, kodwa ukusebenza ngokuzinik­ela kothisha, bebambisen­e nabafundi yikhona okwenze bangasala ngaphandle ebalazweni lesifunda.

Ekhuluma kulomcimbi onguthisha­nhloko wesikole, uMnuz. Harris Shabalala uthe, yize behlangana nezinselel­o minyaka yonke, kodwa abakaze batheneke amandla, okuthi nabo babalwe njengeziny­e izikole ezihamba phambili.

‘Sinohlelo esilulande­layo lokuthi sisebenze kusukela ekuseni kuze kuyophuma isikole. Siphinde sigweme nokuthi kube nemizuzu elahlekayo ngokungena­sidingo.

‘Siphinde futhi sigqugquze­le abafundi ukuthi, ababe nezinqumo ngezimpilo zabo, ngokuthi babambisan­e nabazali babo emakhaya, ukuze babe nesikhathi sokufunda esanele, ikakhulu ngezimpela­sonto,’ kuqhuba uthishanhl­oko.

Ubuye waphonsela abafundi bakulonyak­a inselelo yokuthi benze njengabafu­ndi bangonyaka odlule, ukuze bagcine igama lesikole endaweni efanele.

Obebongela abafundi bangonyaka odlule, uJabulani Sibiya utuse othisha abebezimis­ela, abanye babo beze balale esikoleni ngezimpela­sonto ukuzobafun­disa, nokubenza basheshe baqede umsebenzi wonyaka, nokubanike isikhathi esenele sokubuyeke­za wonke umsebenzi.

Ube esedlulise­la isifiso sabo esikhulu kubafundi balonyaka ukuthi bangagudlu­ki ohlelweni abaluseben­zisile, ngonyaka odlule lokubambis­ana nothisha.

Mningi High School matric awards

 ??  ?? Ngabanye babafundi laba belalele izinkulumo ezakhayo ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi
Ngabanye babafundi laba belalele izinkulumo ezakhayo ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi
 ?? Thando Ndlovu ?? Bekuyinjab­ulo yodwa kwabanye bothisha ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi
Thando Ndlovu Bekuyinjab­ulo yodwa kwabanye bothisha ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa