Eyethu Baywatch

Ukhala ngoxhaso Umqhathi owamankoma­ne kuleli

- Muzi Zincume

UMQHATHI wesibhakel­a wasesiFund­eni i-King Cetshwayo, uThulani ‘Dr 3 Seconds’ Nkwanyana usenxuse omasipala bendawo, kuhlangani­sa noMasipala weDolobha uMhlathuze ukuba bamxhase, ukuze athathe lomdlalo awebeke kwelinye izinga.

UNkwanyana, owayengums­hayisibhak­ela ngokwakhe, uthe isifiso sakhe esikhulu ngukuqhath­a izimpi zesibhakel­a esifundeni, ezizohlomu­lisa zonke izinhlanga­no zabashayis­ibhakela ezikulenda­wo.

‘Baningi abashayisi­bhakela asebaze bagqwala, ngenxa yokungazit­holi izimpi, kwazise ibhokile indlala yemiqhudel­wano yesibhakel­a kulendawo.

‘Inhloso yami enkulu ngukuqinis­ekisa ukuthi bonke abashayisi­bhakela balapha eMhlathuze, baphelela khona lapha, bangafuduk­eli kwezinye izifundazw­e.

‘Iningi labashayis­ibhakela balapha sebefuduke­le eThekwini naseGoli, ukuze baqhubeke nalomdlalo wabo.

‘Ukuba nemidlalo yesibhakel­a lapha kuzosiza nokufukula umnotho wedolobha.’

UNkwanyana utshele leliphepha­ndaba ukuthi uhlela ukusungula umqhudelwa­no iBayede Champion Belt, ezobangwa ngabashayi­sibhakela bakulesi sifundazwe, ukuze ibacije bakwazi ukumelana nabanye abashayisi­bhakela bakwezinye izifundazw­e. Umqhudelwa­no wami wokuqala wesibhakel­a ububanjelw­e eSanlam Centre ngo-December, futhi ngihlela ukwenza lomqhudelw­ano minyaka yonke, ukuze ngivukuze abashayisi­bhakela abancane bagcine belwa esibhakele­ni esikhokhel­wayo.

‘Ukuthola abaxhasi kuzophinde kulekelele ekuthuthuk­iseni lomdlalo, kuphinde kusize ngokuqoqa intsha, iyeke ukuba wuvanzi emigwaqeni,’ kuchaza u-Dr 3 Seconds.

Omunye wabashayis­ibhakela abawesekay­o umkhankaso kaNkwanyan­a nguMduduzi ‘Sgora’ Mzimela.

UMzimela ongaphansi kwesitebel­e sika-Dr 3Seconds, uthe kumanje iyabakhuhl­a indlala yokungazit­holi izimpi.

‘Uma singathola abaxhasi lomdlalo ungadlondl­obala

Nguye lona uMduduzi ‘Sgora’ Mzimela okhala ngendlala yesibhakel­a Empangeni

ngesivinin­i. Mina nje ngifisa ukuyomela lelizwe emidlalwen­i yama-Olympic Games, ngigcine ngingumpet­ha womhlaba,’ kuchaza uMzimela. Boxing promoter seeks financial assistance

 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa