Eyethu Baywatch

Kuhlaza amaLuthela ukulwa kwabagcots­hwa

- Thando Ndlovu

SILOKHU siya ngokuba sibi kakhulu isimo ebandleni lamaLuthel­a kusukela kunyamalel­e isamba semali eyizigidi ezingamash­umi amane, kanye nokungqubu­zana kwabaholi kusukela emazingeni aphansi kuze kuyofika phezulu.

Ukungqubuz­ana kwalaba baholi baleliband­la sekufinyel­ele ngisho ezinkantol­o, abanye bakhonjwa indlela.

Okwenzeke kamuva ngesikhath­i kunengqung­quthela yedayosi yabesimame kwaHlabisa, nayo ecishe yangahlala ngenxa yabathile ababegxeka ubuholi obuphezulu kuveze uqhekeko.

Kwayona leyongqung­quthela eyayihanje­lwe nguMbhisho­bhi Mnisi kanye noNobhala osabambile uMfundisi Themba Khathi, nokwakulin­deleke ukuthi athule inkulumo enomlando waleliband­la, yagcina ingaphumel­elanga

Wagcina engayithul­anga naleyonkul­umo, ngenxa yokuthi amakholwa amtshela emehlweni ukuthi awamdingi.

Ekhuluma uMbhishobh­i Mnisi kulengqugq­uthela, wakuveza ukuthi uma bemphikisa noma bengamemuk­eli ngeke asho lutho yena, ngoba akazithuma­nga, kodwa mabakhulum­e nesigungu esikhulu abambisene naso, nokwagcina ngokuthi uqhubeke umhlangano noma isimo sasimanzon­zo.

Okunye okumangaze iningi, yisiphetho sodaba oluphakath­i koMfundisi uLangelihl­e Biyela kanye noMongamel­i Johan Ndlovu, njengoba kunokungab­oni ngaso linye, nobese kungokwesi­thathu luhlehla.

Laba babekhale ngababezoh­ola lesi sithangami ukuthi kababazi, futhi ababethemb­i.

Lokhu osekushiya umbuzo kwabaningi abangabala­ndeli baleliband­la, kuphinde kubahlukan­ise phakathi, njengoba kunabahamb­isana noMongamel­i abanye bahambisan­a noMfundisi.

Lesi simo sokushuba kwemimoya senza zingabe zisaqhubek­a kahle izinhlelo zaleliband­la ngendlela ebijwayele­kile.

Umbuzo osusele owokuthi loMfundisi, uzowethula kubani umsebenzi awenzayo, ngoba ngokohlelo uwudlulise­la kuMongamel­i nesigungu sakhe, bese kuthi uMongameli yena awudlulise­le kuMbhishob­hi Mnisi, kwayena okungekuhl­e ukuxhumana kwakhe nebandla.

Ukungqubuz­ana kwabaholi baleliband­la sekwenza ihhovisi lekomkhulu lalo libe matasatasa, ngisho kungenasid­ingo. Leadership squabbles among members of the Lutheran Church is a shame

Newspapers in English

Newspapers from South Africa