Asinxeshezelwe ngokususwa eMandlazini
KWELAKHO iphephandaba elingashayi eceleni, ngicela ukudlulisa ilaka lami ngodaba lokukhokhelwa kwabantu baseMambuka imali yesinxephezelo, ngokususwa eMandlazini (Richards Bay) nguHulumeni wobandlululo.
Mhla zingu-11 kuya ku-12 kwinyanga esikuyo (Ncwaba) 2018 bekufike eNkantolo yeSizwe saseMambuka, ozichaze njengomele uMnyango Wezindaba zoMhlaba kanye neKomidi ebelenza umsebenzi wokulandelela ukuqhubeka kwesicelo.Inhloso yokuza kwakhe (owoMnyango wezeMihlaba) bekuwukuzoqinisekisa ukuthi abantu ababhalisa njengabasuswa eMandlazini bayavela yini ohlwini abeluphethe.
Ohlwini abelubiza bekuvela nabantu abangazange bahlala eMandlazini, kodwa abaqhamuka kwezinye izindawo, bafika bazokhonza eNkosini uMthiyane sesiseMambuka kudala.
Okubuhlungu kakhulu lapha, sikhuluma ngesinxephezelo sokuhlukumezeka komkhulu, ogogo, obaba, omama nezingane zabo, besuswa ngesankahlu ezweni obonayo ukuthi ukube abasuswanga kulo, ngabe impilo yabo ayifani nale abayiphila kumanje.
Ukuhlukumezeka abakuthola kunemiphumela eminingi emibi okuziveza ngayo.
Ebuhlungwini abakuzwa, nabasakuzwa namanje sekuqhamuka abantu abangosomathuba, abafuna ukuthola imali ngokungafanelekile.
Abantu abangakaze bahlukumezeke ngokususwa eMandlazini. Umbuzo wami kulababantu uthi, ingabe bayaqonda yini ukuthi abakwenzayo kuwukuqonela abahlukunyezwa?
Bayaqonda yini ukuthi lemali ezokhokhwa nguHulumeni eyokubuyisa umhlaba wethu owathathwa, bona ababengeyona ingxenye yawo.
Ngeke yini sigcine sihlephulelana nabo imali engabe iza kithi esahlukumezeka?
Bangavuma yini uma nathi singaya ezindaweni abasuka kuzo, siyobhalisela ukunxeshezelwa uma kungenzeka babizelwe ukuzobhalisela isinxephezelo somhlaba?
Lingawa licoshwe zinkukhu. Bantu baseMandlazini sithuleleni ngoba abantu abenza lokhu siyabazi?
Yini singababheki emehlweni sibatshele kwezikabhoqo ukuthi abahlehle. Okungenzeka ukuhlukumezeka esakuthola sifudulwa kwasifundisa umkhuba omubi. Umkhuba wokuthula noma sesixhashazwa.
Bekumele isizwe silucubungule kahle loluhlelo ukuze kuzokhishwa osomathuba.
Abanye siyabazi. Bahleli nathi. Baphakathi kwethu. Ngiyabonga.
OBHALILE ‘THULEBONA’
Mandlazini community demands compensation for being removed from Richards Bay to Ntambanana