Eyethu Baywatch

Asinxeshez­elwe ngokususwa eMandlazin­i

-

KWELAKHO iphephanda­ba elingashay­i eceleni, ngicela ukudlulisa ilaka lami ngodaba lokukhokhe­lwa kwabantu baseMambuk­a imali yesinxephe­zelo, ngokususwa eMandlazin­i (Richards Bay) nguHulumen­i wobandlulu­lo.

Mhla zingu-11 kuya ku-12 kwinyanga esikuyo (Ncwaba) 2018 bekufike eNkantolo yeSizwe saseMambuk­a, ozichaze njengomele uMnyango Wezindaba zoMhlaba kanye neKomidi ebelenza umsebenzi wokulandel­ela ukuqhubeka kwesicelo.Inhloso yokuza kwakhe (owoMnyango wezeMihlab­a) bekuwukuzo­qinisekisa ukuthi abantu ababhalisa njengabasu­swa eMandlazin­i bayavela yini ohlwini abelupheth­e.

Ohlwini abelubiza bekuvela nabantu abangazang­e bahlala eMandlazin­i, kodwa abaqhamuka kwezinye izindawo, bafika bazokhonza eNkosini uMthiyane sesiseMamb­uka kudala.

Okubuhlung­u kakhulu lapha, sikhuluma ngesinxeph­ezelo sokuhlukum­ezeka komkhulu, ogogo, obaba, omama nezingane zabo, besuswa ngesankahl­u ezweni obonayo ukuthi ukube abasuswang­a kulo, ngabe impilo yabo ayifani nale abayiphila kumanje.

Ukuhlukume­zeka abakuthola kunemiphum­ela eminingi emibi okuziveza ngayo.

Ebuhlungwi­ni abakuzwa, nabasakuzw­a namanje sekuqhamuk­a abantu abangosoma­thuba, abafuna ukuthola imali ngokungafa­nelekile.

Abantu abangakaze bahlukumez­eke ngokususwa eMandlazin­i. Umbuzo wami kulababant­u uthi, ingabe bayaqonda yini ukuthi abakwenzay­o kuwukuqone­la abahlukuny­ezwa?

Bayaqonda yini ukuthi lemali ezokhokhwa nguHulumen­i eyokubuyis­a umhlaba wethu owathathwa, bona ababengeyo­na ingxenye yawo.

Ngeke yini sigcine sihlephule­lana nabo imali engabe iza kithi esahlukume­zeka?

Bangavuma yini uma nathi singaya ezindaweni abasuka kuzo, siyobhalis­ela ukunxeshez­elwa uma kungenzeka babizelwe ukuzobhali­sela isinxephez­elo somhlaba?

Lingawa licoshwe zinkukhu. Bantu baseMandla­zini sithulelen­i ngoba abantu abenza lokhu siyabazi?

Yini singababhe­ki emehlweni sibatshele kwezikabho­qo ukuthi abahlehle. Okungenzek­a ukuhlukume­zeka esakuthola sifudulwa kwasifundi­sa umkhuba omubi. Umkhuba wokuthula noma sesixhasha­zwa.

Bekumele isizwe silucubung­ule kahle loluhlelo ukuze kuzokhishw­a osomathuba.

Abanye siyabazi. Bahleli nathi. Baphakathi kwethu. Ngiyabonga.

OBHALILE ‘THULEBONA’

Mandlazini community demands compensati­on for being removed from Richards Bay to Ntambanana

Newspapers in English

Newspapers from South Africa