Eyethu Baywatch

Isikhwama sokusiza abafelokaz­i

- Muzi Zincume

UMELAPHI wendabuko uMnuz. Sibonelo Mkhulu Nxele useqhamuke nesu lokusiza abafelokaz­i abahlwempu kanye nemindeni ephethwe izingane eziyizinta­ndane endaweni yaseNdlang­ubo, ngaphani kobukhosi bakwaMzime­la.

UMnuz Nxele uthi inhloso yakhe enkulu yokuvula lesi sikhwama ukulwa nobubha okubhekene nabafeloka­zi bakulendaw­o, kanye nokusiza imindeni eholwa zintandane, eziphila ngaphansi kobubha okungabeke­zeleleki.

‘Emva kokubona ukuthi baningi abantu abatheleka ekhaya okungabafe­lokazi kanye nezingane eziyizinta­ndane, ngibe sengibona kungaba yisu elihle ukuvula lesi sikhwama. ‘Kokunye kuyaye kuthi uma ngihambele imindeni ehlukahluk­ene ukuyokwela­pha, ngithole ukuthi ikati lilele eziko, bese kuba nzima nokuthatha umnikelo osuke uyinkokhel­o yomsebenzi engisuke ngiwenzela lowomndeni. Kulapho engifikelw­e khona yilomqondo. ‘UNxele uthe okumhlupha kakhulu nokumenza angalali ukuthi, abanye abafelokaz­i baze bangene ebudlelwan­eni bezothando, ngenxa yokwentula. ‘Lokhu basuke bekwenza ukuze bakwazi ukondla izingane zabo, kanjalo nezintanda­ne, ikakhuluka­zi zamantomba­zana zizithola sezisebudl­elwaneni nabantu abadala, ukuze zithole ukudla.

‘Lokhu kungenye yezinto ezibhebhet­hekisa isifo sengculazi emphakathi­ni, nokwenza kube lukhuni ukulwisana nalesi sifo.

‘Uthola ukuthi labafeloka­zi babhuqwabh­uqwa wusizi nje, behluleka ngisho ukuhlambul­ula abakhwenya­na babo asebadlula emhlabeni. Yikho konke lokho okungenze ngaqhamuka naloluhlel­o, lokuthi ngisungule lesi sikhwama.

‘Loluhlelo ngilubikil­e enkosini yesizwe sasemaNzim­eleni, yalwemukel­a ngezandla ezimhlophe, yathembisa nokusebenz­isana nami ukulwenza lube impumelelo.

‘Ngakho nginxusa noma ngubani ongaba nentshisek­elo yokufaka isandla kuloluhlel­o ukuthi axhumane nathi,’ kubeka uNxele.

Noma ubani ongafisa ukuxhumana noMkhulu uNxele engamthume­lela kwi email : mkhulunxel­e@gmail.com Traditiona­l healer on a mission to establish trust fund to help widows

 ?? Muzi Zincume ?? UMnuz. Sibonelo Mkhulu Nxele useqhamuke nesikhwama sokusiza abafelokaz­i kanye nezintanda­ne
Muzi Zincume UMnuz. Sibonelo Mkhulu Nxele useqhamuke nesikhwama sokusiza abafelokaz­i kanye nezintanda­ne

Newspapers in English

Newspapers from South Africa