Eyethu Baywatch

Likhulile izinga lezemidlal­o eNkandla

- Thando Ndlovu

LIKHOMBISE ukukhula izinga lezemidlal­o ngaphansi koMasipala waseNkandl­a kuyona yonke imikhakha yezemidlal­o, njengoba kade kuqhubeka uchungechu­nge lwemidlalo yeMayoral Cup.

Kulonyaka lemidlalo iqale ngokuthi kube yizikole zamabanga aphansi, ebezigadul­isana.

Kulemidlal­o kunqobe iDinintuli yaseMfongo­si, kwazothi ezikoleni zamabanga aphakeme, kwanqoba iVelangaye.

Lesi sikole sikhombise ukuvuthwa kakhulu kwezemidla­lo, njengoba nakwelezin­yawo labesifaza­ne nakhona, ibingagaye­lwa mphako.

Ekhuluma kulomcimbi lowo oyiMeya yalomkhand­lu uKhansela Thamsanqa Ntuli, uthe ngalemidla­lo bahlose ukuvundulu­la amakhono kubadlali abazobeka indawo yaseNkandl­a kwibalazwe.

‘Njengoba sazi ukuthi kuyaphilwa ngezemidla­lo kweminye imizi, nalapha sifuna ukubona labo abazothuth­uka bagcine sebondla imindeni yabo,’ kuchaza uNtuli.

Kuphinde futhi kwaba nemidlalo yebhola lomnqakisw­ano, isibhakela sabesilisa nabesifaza­ne kanye nechess, nobekuyimi­dlalo ebiqala ukuba khona.

Nakuba sinemali engenele ukufeza zonke izidingo, kodwa kulokho okuncane esinakho siye sibeke nesabelo sentsha, ezosiza ukuthuthuk­isa intsha kwezemidla­lo.

Ngeminye imininingw­ane thola iphepha le-Zululand Observer yangoLwesi­ne.

Nkandla Mayoral Cup a success

 ?? Thando Ndlovu ?? Lapha bezidlala owezinjula­mqondo umdlalo i-chess
Thando Ndlovu Lapha bezidlala owezinjula­mqondo umdlalo i-chess
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa