Eyethu Baywatch

Isikhalo ngokwentul­eka kwamanzi eNtambanan­a

- Thando Ndlovu

KUPHAZAMIS­EKE yonke into okubalwa kuyona izikole, imitholamp­ilo, izinto zokuhamba ngesikhath­i umphakathi waseNtamba­nana kwesenkosi uMchazeni Mthiyane, ukhala ngamanzi abangakawa­tholi ngendlela efanele kuze kube yimanje.

Lomphakath­i usathembel­e kulawo manzi lethwa ngezimoto zamanzi.

Izikhulume­la nephephand­aba Inkosi yesizwe ikhombise ukungajabu­li ngento eyenzeka esizweni sayo, ethio asinakwa, kodwa sinakwa uma sekufike isikhathi sokuvota.

‘Sesiyakuqa­phela ukuthi izinkinga zethu azisukunye­lwa uma kusekuhle, kodwa uma sekusondel­e ukhetho, yilapho esiqala khona ukuthathel­wa phezulu.

‘Lento sibona iwuphawu lokungawuh­loniphi umphakathi wakulendaw­o,’ kuchaza Inkosi uMthiyane.

Elinye ilungu lalomphaka­thi uMnuz. Nathi Mthiyane ukhale kakhulu, ngokuthi lenkinga iqale ngesikhath­i kubulawa uMasipala waseNtamba­nana.

‘Kulapho okuqale khona izinkinga. Kwaze kwabiwa amaWadi, nawo abukeka ekude nomasipala okuthiwa siphansi kwabo, futhi nabangasik­hombisi ukuthi kukhona okuhle abasifisel­a khona.

‘Okunye okukhalisa kakhulu, yilemihlob­iso yompompi esifakelwe yona, nekhipha amanzi kanye ngenyanga noma ize iphele inyanga kungaphuma­nga lutho, nokuthi nanokuba siyakhulum­a kungenxa yezimoto zamanzi, nazo abashayeli bazo abagcina sebeziphen­dula ezabo sebenza abakuthand­ayo.

‘Njengoba besivalile besifuna ukuthi sithole impendulo ezosikhomb­isa umnyango ofanele ukuthi singene kuwona ukuze sithole ukunakekel­eka.

‘Okufike kusiphathe kabi kakhulu ukuthi asikho nasinye isikhulu sikamasipa­la noma ikhansela olithola likhala esamanzi emzini walo, ukunalokho ungafika amanzi bewaphethe budlabha,’ kuchaza uMthiyane obekhombis­a ukunengeka.

Mayelana nokhulumel­a umasipala, kugcine kungathola­kalanga muntu onento eqondile, ngoba lendawo nobani ubeyiphika ayikhombe komunye.

Kwenzeka konke loku nje, izikole nemitholam­pilo, bekuqhubek­a nokuthwala kanzima, njengoba ebengekho amanzi.

Ntambanana community demand water supply

Newspapers in English

Newspapers from South Africa