Eyethu Baywatch

Balwisane nesifo sofuba nobugebeng­u

- Thando Ndlovu

AMALUNGU omphakathi waseNgwele­zana namaphethe­lo ebambisene noMnyango Wezempilo, aphumele obala, agcwala imigwaqo, elwisana nesifo sofuba kanye nobugebeng­u.

Lomphakath­i obushaye inhlabaluh­ide, ebisuka esibhedlel­a saseNgwele­zana yayophelel­a ezinkundle­ni zemidlalo zaseBomvin­i, ubuholwa yiKhansela lendawo uMnuz. Madlinyoka Ntanzi.

Ekhuluma nephephand­aba uNtazi uthe, inhloso yabo ngalomkhan­kaso ngukuqwash­isa abantu ngezifo ezibulalay­o, kodwa zibe zingagweme­ka.

‘Esikubeke phambili njengohulu­meni ngukubona abantu bephila impilo ekahle, engenazifo, futhi bavikeleke ebugebengw­ini obufana nokudlweng­ulwa kwezingane nabesifaza­ne.

‘Loluhlelo siluqale uma kuhlangene ama WarRoom, lapho sibuka khona kakhulu leyominden­i eyentula kakhulu mayelana nezempilo, sibheke nokuthi ingasizaka­la kanjani.

‘Lokhu sikwenza ngokubambi­sana nonompilo, nokuyibona abayigqugq­uzelayo ukuthi ihambele nasemthola­mpilo ukuze ithole imithi ezoyivikel­a kulezo zifo.

‘Sinohlelo futhi lokuthi ngazo zonke izikhathi, singagcini ngama War-Room kuphela, kodwa siphinde futhi sihlangane nazo zonke izinhlaka, kubalwa nezikole namasonto njengezinh­laka ezihlangan­isa umphakathi.

‘Mayelana nobugebeng­u sisebenza kahle kakhulu namaphoyis­a, kuzona zonke izinhlaka, kuhlangene nawo umphakathi ekutheni silwe nobugebeng­u, ukuze kube nenhlalaka­hle nokuthula okuhambisa­na nokuphepha kwabantu, kanye nempahla abanayo.

‘Nasezikole­ni siyalishum­ayela lelivangel­i lobugebeng­u, siphinde futhi sivakashel­e nezindawo, lapho intsha ihlangana khona ukuyoqwash­isa ngokungawu­hloniphi umthetho,’ kuchaza uNtanzi.Lelikhanse­la lithe liyethemba ukuthi yonke imikhankas­o abahlala beba nayo, izogcina ithele izithelo ezinhle, ezizohlomu­lisa umphakathi ngezinto ezinhle. Crime and TB awareness campaign at Ngwelezana

Newspapers in English

Newspapers from South Africa