Eyethu Baywatch

Zidonswe ngendlebe izintombi nto zaseMfoloz­i eNzalabant­u

- Thando Ndlovu

NJENGOBA sekuseduze ukuthi izimbali zesizwe okuyizinto­mbi ezihamba umhlanga, zibhekise amabombo esigodlwen­i saseNyoken­i, iyaqhubeka nemicimbi yokuzicije­la lomkhosi, eyenziwa komasipala abehlukene.

Omunye walemicimb­i ubuseNzala­bantu, ngaphansi koMasipala waseMfoloz­i, nalapho obekubuthe­ne khona izinkumbi zezintombi nto, zizoyalwa ngokuzipha­tha, nangendlel­a okulindele­ke ziziphathe ngayo uma seziseMhla­ngeni.

Kulomcimbi izintombi bezizikhum­buza ngamahubo esizwe, ezifike ziwahube uma sezihlange­ne nezinye phambili, kuhambisan­a nokusina ingoma kanye nokuzilung­iselela lomkhosi omkhulu.

Ekhuluma kulomcimbi obusehholo laseNzalab­antu, uSomlomo womkhandlu uKhansela Zakhele Mfusi uyale izintombi ukuba ziziphathe ngendlela engezokweh­lisa isithunzi sikamasipa­la, uma sezisekuha­mbeni.

Uphinde wazikhumbu­za ukuthi loluhlelo lubasiza kakhulu, ngokuthi bahlomele ikusasa labo kuyona yonke imikhakha, kuhlangene nezemfundo.

Ugcine ngelokubon­ga kakhulu omama abahlola izintombi, ukuthi baqhube lomsebenzi abawuthuny­we yiSilo, ngendlela enobuciko njengoba baye benze isiqinisek­o sokuthi zonke izintombi ezikulomkh­osi zikulungel­e ukuba yingxenye yalomcimbi.

Uphinde wakuqinise­kisa ukuthi umasipala usezinhlel­weni zokuthi uhlelele izintombi ezizobe ziphuma phansi kwalomasip­ala amabhasi ezizohamba ngawo, kuhlangene nezinye izinsiza ezizobasiz­a phambili.

Operation Siyaya eMhlangeni

 ??  ?? Ingxenye yezintombi nto zaseNzalab­antu, ebezivivel­a uMkhosi woMhlanga ozoba ngenyanga ezayo
Ingxenye yezintombi nto zaseNzalab­antu, ebezivivel­a uMkhosi woMhlanga ozoba ngenyanga ezayo

Newspapers in English

Newspapers from South Africa